UKULOTSHOLWA kweBaroka FC ngo 4-1 ishaywa iSuperSport United ngoLwesithathu, kuyamkhathaza kakhulu umqeqeshi waleli qembu uDylan Kerr kwazise unomsebenzi onzima wokulivikisa izembe.
Okukhathaza kakhulu lo mqeqeshi yindlela abangenelwa ngayo amagoli, ikakhulukazi njengoba bezobhekana neKaizer Chiefs emdlalweni wokugcina weligi ngoMgqibelo.
Ziya kulo mdlalo iBakgaga Ba Mphahlele idinga amaphuzu agcwele ukuze izosinda ezembeni.
Kulo mbango ongemuhle wokuvika izembe kukhona iPolokwane City elingayishonela uma iBaroka ingathola iphuzu kwiChiefs.
Amanye amaqembu azofisa ukungazitholi edlala imidlalo yokuhlungela edlalwa ngophume endaweni ka-15, iBlack Leopards naMaZulu FC.
UKerr uthe ukushaywa kwabo ngamagoli amaningi ngale ndlela, kwenza ziye osukwini lwangoMgqibelo ezakhe zibuthaka.
"Angeneme ngendlela esingenelwe ngayo amagoli. Amagoli asingenelile njalo asuka emabholeni abekwe phansi ngabe ikhona, noma i-free kick. Lokhu akukuhle neze kumele sikulungise sibheke emdlalweni wethu olandelayo. Ngihleze ngishumayela ivangeli elilodwa kubadlali ngisho siziqeqesha ukuthi emabholeni abekwe phansi kumele siqaphele ngokuphindiwe kodwa kushuthi basahluleka ukwenza engikushoyo," kusho uKerr.
Ukhathazeka nje uKerr kumfanele ngoba uzodlala neChiefs esizakhele igama ngokuqotha abantu ngamabhola abekwe phansi. USamir Nurkovic, Leonardo Castro no-Eric Mathoho sebeshaye inqwaba yamagoli kwiZimpofana ngenxa yamabhola abekwe phansi. Ngaphandle kwalokho, umdlalo wangoMgqibelo weChiefs kumele izenzele lula iwunqobe, ukuze izomenyezelwa njengompetha abasha be-Absa Premiership.
Umqeqeshi weChiefs u-Ernst Middendorp ukhiphe umyalezo obalulekile kubalandeli bezakhe ngaphambi komdlalo neBaroka kusasa.
"Ngiyazi kunzima, lesi yisikhathi lapho khona sonke sicabanga ukuthi siyazi futhi singaba nemibono ngeqembu lethu. Yebo ngiyavuma kunjalo kodwa yimina onikezwe umsebenzi wokuhola iqembu. Nginesicelo lapha sokuba ngoMgqibelo konke esikwenzayo sikwenze ngokukhuthaza abadlali, hhayi ngokunye okubheke eceleni. Ngabe sithumela imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana, ngabe sixoxa ngqo nabadlali ngomakhalekhukhwini ngiyacela ukuba sikhulume izinto ezakhayo sibakhuthaze. Lokho kuzokwenza ukuthi yize bazi ukuthi abalandeli abekho ezinkundleni kodwa bazi ukuthi emakhaya banabo ngezinhliziyo," kusho uMiddendorp.