Mamelodi Sundowns (1) 3
Sekhukhune United (0) 0
IMamelodi Sundowns ibuyele esicongweni se-log yeBetway Premiership ngokuguqisa iSekhukhune United emdlalweni weligi obudlalelwa eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli enqobe ngawo iSundowns kube wumkhonto ogwaze ekhaya womdlali wasemuva weSikhukhune, uTresor Tshibwabwa, elika-Arthur Sales no-Iqraam Rayners kuzona zombili iziwombe.
Nakuba iSundowns kuyiyona ebiphezulu kusaqala umdlalo, kodwa iSekhukhune yiyona ecishe yathola igoli kuqala kusaphele imizuzu emithathu kuphela ngesikhathi uKeletso Makgalwa edudula ibhola elibi elivinjwe ngunozinti uRonwen Williams.
Ngemuva kwalokho iSundowns ibuye yaqhubeka nokucindezela ikhombisa ukuba yingozi uma iya phambili. Lokho kugcine kuyitholele umvuzo ngomzuzu ka-22 ngesikhathi uTshibwabwa elibhajiswa ngakubo ezama ukuvimba ibhola elibi ebeligotshwe ngu-Aubrey Modiba obeqhamuka lwesokunxele.
Emizuzwini embalwa nje zibuye ekhefini iSundowns ithole iphenathi engomzuzu ka-47, u-Iqraam Rayners engingqika ngaphakathi ebhokisini kubukeka sengathi ubanjwe unyawo ngunozinti weSekhukhune, uBadra Sangare.
Unompempe, u-Eugene Mdluli, uyikhombe emlotheni. Ithathwe nguSales wayivalela phakathi kwaba ngu 2-0. Leli kube yigoli lokuqala likaSales odabuka eBrazil ojoyine amaSandawane ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiLommel SK yaseBelgium.
Nakuba iSundowns ibilokhu iqhubekile nokuba phezulu ngomdlalo, kuyiyona egcina ibhola isikhathi eside, kodwa iBabina Noko naye iwatholile amathuba ambalwa okubuza uWilliams. Lo nozinti uphinde wakhombisa ubungcweti bakhe evimba ibhola ebelidudulwe nguVuyo Letlapa obesephume qekelele ngomzuzu ka-62 kwaba yikhona.
Ngemizuzu yokugcina uRayners uqede ukukhuluma, evalela phakathi ingcwenga yegoli ngomzuzu ka-89.
Lo mphumela wenze iSundowns yaqhwakela kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-21 ngokulinganayo ne-Orlando Pirates esendaweni yesibili.
Ukuqalisa ebhentshini ezinye zezethenjwa zayo, okubalwa kuzo uTeboho Mokoena, Thapelo Morena, Mothobi Mvala noPeter Shalulile ogcine engangenanga, kukubeke kwacaca ukuthi i’Downs iwuthatha njengobalulekile umdlalo wayo weCaf Champions League wesigaba samaqoqo eyowudlala ekuhambeni neFAR Rabat yaseMorocco, ngoMgqibelo ozayo ekuhambeni.
“Ngicabanga ukuthi kunezikhathi lapho esike saba budlabha khona kancane ngebhola, saba namaphutha ambalwa futhi sangalihambisa ngokushesha ngendlela obekufanele senze ngayo.
Ngale kwalokho ukugcina kwethu umdlalo kuhambe ngendlela ebesihlele ngayo, sakwazi futhi nokugoba uMakgalwa noKapinga (Lesedi), ebebekhombisa ukuba yingozi,” kusho umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi.