UMDLALI wasemuva kwiComoros uChaker Alhadhur, ophenduke unozinti emdlalweni neCameroon ugile izimanga evimba sengathi kade ayedlala kule ndawo njengoba begcine bekhishiwe ngo 2-1 kwi-Afcon Isithombe: BACKPAGEPIX
XOLILE MPISANE
BANINGI abalandeli bebhola abalithulele isigqoko iqembu laseComoros ezinkundleni zokuxhumana yize noma liphume esigabeni samaqembu angu-16 kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), likhishwa yiCameroon ngo 2-1 ngoMsombuluko ebusuku.
UKarl Toko Ekambi, uvalele igoli lokuqala le-Indomitable Lions maphakathi nesiwombe sokuqala, ukaputeni uVincent Aboubakar wafaka elesibili esiwombeni sesibili kwachwaza inkundla iStade Olembe eYaoundé.
UYoussouf M'Changama, uziphendulelile ezakhe nge-freekick enhle ayikhahlele ekude sekusele imizuzu eyisishiyagalombili umdlalo uphele, kodwa zahluleka ukuthola igoli lokulinganisa.
Bekuvele kubhekwe ukuthi iCameroon izidlulele njengoba ingosokhaya futhi ingeliye lamazwe ahlonishwayo ebholeni lase-Afrika, kodwa kuningi okunye okudale ukuthi iComoros ithwale kanzima kulo mdlalo.
Umdlali wasemuva uChaker Alhadhur kudingeke ukuthi adlale njengonozinti njengoba bonke onozinti abaseqenjini labo bebengakulungele ukudlala. USalim Ben Boina ubelimele kanti u-Ali Ahamada noMoyadh Ousseini batholwe negciwane le-Covid-19.
Konakele kakhulu kwiComoros ngesikhathi ukaputeni uNadjim Abdou ekhishwa ngekhadi elibomvu kungakahlangani nemizuzu eyishumi umdlalo uqalile, emuva kokudlalisa kabi uMoumi Ngamaleu.
Nokho indlela abalwe ngayo kwaze kwaba sekugcineni iyona echaze abalandeli bebhola abebelokhu bebhalile ezinkundleni zokuxhumana emuva komdlalo.
“Bengizokhetha umdlali waseComoros odlale njengonozinti namuhla njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngoba naye uvimbe amagoli ayingozi. Akungiphathi kahle ukuthi kuqokwe unozinti weCameroon ekubeni ewujwayele lo msebenzi. Zisebenzile izinsizwa zaseComoros," kusho uSimo Cele kwiTwitter.
Amazwi akhe enanelwe nguNathi Dlamini othe: “Kuyamangalisa ukuthi iComoros iqophisane ne-Indomitable Lions, edlalela ekhaya, ekubeni ibingenaye unozinti wangempela. Ngiyabahlonipha.”
Khonamanjalo, iGambia iqhubekile nokumangaza kulo mqhudelwano ngesikhathi iguqisa iGuinea ngo 1-0 nayo yazibekisela indawo kuma-quarterfinal.
UMusa Barrow ushaye igoli lokubika kulo mdlalo obuse Stade Omnisports de Bafoussam esiwombeni sesibili.
I-Scorpions iyaqala ngqa ukubonakala kulo mqhudelwano kodwa isizakhele igama ngemiphumela esiyitholile emidlalweni emine lapho idle khona iMauritania, Tunisia neGuinea, yadlala ngokulingana neMali.
Amaqembu amane asengene kuma-quarterfinal yiBurkina Faso, Tunisia, Gambia neCameroon, kanti azolandelwa ngamanye amabili azonqoba kusihlwa.
ISenegal izobhekana neCape Verde ngo-6, iMorocco itholane phezulu neMalawi ngo-9.
IFlames yilona kuphela iqembu elisathwele amathemba esifunda seCosafa kwazise iZimbabwe neComoros sebekhishiwe.