Kaizer Chiefs (2)2
Royal AM (0)2
IKaizer Chiefs idedele amaphuzu seliyoshona ilanga ibambana neRoyal AM emdlalweni weBetway Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ebusuku.
Amagoli eChiefs ashaywe ngu-Ashley du Preez noWandile Duba esiwombeni sokuqala. Awe-AM avalelwe phakathi ngu-Ayabulela Maxwele noLevy Mashiane esiwombeni sesibili.
IChiefs ingene enkundleni ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wokuqoqa amaphuzu kulandela ukuthola agcwele kwiRichards Bay maphakathi nesonto khona ePolokwane. Lokhu bekugcizelelwe ngumqeqeshi uNasreddine Nabi ofuna iqembu lakhe liqhubeke nokudlondlobala.
Nokho ukuyeka indathane yamathuba esiwombeni sokuqala kuholele ekutheni igcine iphunyukwe ngamaphuzu. Ukuphunyula amaphuzu kweChiefs kuyilahlekisele ngethuba lokunciphisa igebe phakathi kwayo ne-Orlando Pirates esesicongweni se-log yePremiership.
IChiefs ingene enkundleni yakhombisa umfutho nokulangazelela ukushaya amagoli ngokushesha. Lokhu isheshe yakucacisa ngokucindezela i-AM zibekwa. Kusheshe kwayilungela ngesikhathi uDu Preez evalela phakathi ibhola aliphaselwe nguYusuf Maart. Emuva kwalokho, iChiefs iqhubekile nokuhlasela ngamandla kodwa ihluleka ukusebenzisa amathuba. Ngomzuzu ka-13, uDillan Solomons uphoqe udonga lwasemuva lwe-AM wagoba ibhola, waliqobela phakathi uDuba. Bekubukeka iChiefs izoshaya inqwaba yamagoli ngendlela ebizenzela ngayo kwi-AM kodwa yehluleka. Ngaphambi kokuba ziye ekhefini, i-AM ibicindezela kodwa ubengafuni lutho uBrandon Petersen ezintini zeChiefs.
Esiwombeni sesibili, iChiefs iqhubekile nokuhlasela ngokukhululeka. Kodwa kusheshe kwacaca ukuthi i-AM isishintshile. Ngomzuzu ka-51 uMaxwele uthole ibhola engaphandle kwebhokisi, wadonsa ishodi, wasala enkemile uPetersen obephumile epalini. I-AM iqhubekile nokucindezela iChiefs kodwa ibihluleka uma isifike phambili. Ngomzuzu ka-63, ibhola likaSabelo Sithole liphume phezu kwepali kulandela iphutha likaGiven Msimango odongeni lwasemuva lweChiefs. Izinguquko ezenziwe ngumqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, ekhipha abadlali okukhona kubona uGaston Sirino, zibuyisele uzinzo kuleli qembu. Nokho kushintshe konke lokho ngomzuzu ka-90 ngesikhathi uMashiane eshayela i-AM igoli lokulinganisa.