IKAIZER Chiefs izifake engcupheni yehlazo lokudlala inyanga yonke inganqobi idlala naMaZulu emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, eNasrec, izolo ntambama.
Amagoli oSuthu ashaywe ngu-Augustine Mulenga noLehlohonolo Majoro esiwombeni ngasinye. ElaMakhosi libekwe enethini nguLeonardo Castro kuyiphenathi esiwombeni sesibili.
Ukuhlulwa kweChiefs, ephinde yakhombisa ubuthaka, kuyibeke engcupheni yokudlala uFebhuwari wonke ingawinini. Igcine ukuwina ngoJanuwari 19 ihlula iTshakhuma Tsha Madzivhandila ngo-3-0 koweligi.
Ngaphambi kokuphela kwenyanga, iChiefs ibhekene nemidlalo enzima. NgoMgqibelo izokwamukela iSuperSport United. Emuva kwalokho, izodlala neHoroya AC yaseGuinea kowamaqoqo eCAF Champions League. Izovala inyanga ngeWydad Casablanca yaseMorocco emdlalweni weChampions League osekuqinisekisiwe ukuthi uzodlalwa ngoFebhuwari 28. IWydad ibicele ukuthi umdlalo ubanjelwe e-Egypt kodwa imibiko yabezindaba eqhamuka kweloFaro, iveze ukuthi leli lizwe selihoxile ngenxa yokungahambisani nosuku olusha olubekelwe umdlalo.
Lo mdlalo bekufanele udlalwe eMorocco ngempelasonto edlule kodwa iChiefs yanqatshelwa ukungena khona ngenxa yokudlanga kweCovid-19 eMzansi. Ukuvala ihlazo lokungawini inyanga yonke kuncike emiphumeleni yale midlalo emithathu ezoyidlala ngaphambi kokuphela kwenyanga.
Emdlalweni wayizolo obungenazo iziqubu ezibabazisayo, iChiefs iyona ehlasele zibekwa, ifuna ukuthola igoli kodwa ihluleka uma isifike phambili. Kunalokho, kuze kwaba ngaMaZulu acishe ashaya igoli ngomzuzu ka-31 ngesikhathi ishodi likaMulenga lishaya ipali labuyela enkundleni. Ngesikhathi esengeziwe sikanompempe esiwombeni sokuqala, uMulenga uqobele phakathi ibhola elichithelwe kuyena ngu-Erick Mathoho obevimba ibhola likaSiphelele Magubane seliyongena.
Esiwombeni sesibili, AmaZulu abuye nomfutho ofanayo. Emuva kwemizuzu embalwa, uSiphelele Mthembu uhlulwe yithuba esebhekene nonozinti u-Itumeleng Khune. Ngomzuzu ka-66, iChiefs ithole iphenathi emuva kokuthi uThapelo Xoki ebambe uSamir Nurkovic ebhokisini. UCastro uyibeke phakathi. AmaZulu aqhubekile nokufaka ingcindezi. Ngomzuzu ka-85, agcine ehlomulile ngesikhathi uKhune ehluleka ukuxhimfa ibhola kukade kuyikhona, uMajoro walibeka phakathi. IChiefs iqede umdlalo ingasaphelele kulandela ukuthola ikhadi elibomvu kukaDarrel Matsheke.
Khonamanjalo; komunye umdlalo weDStv Premiership ogijinywe eLoftus Versfeld izolo, iSundowns iqhubekile nokungabi nantanga yehlula iBaroka FC ngo-2-0. Amagoli ayo abekwe phakathi uGaston Sirino noPeter Shalulile.
Imiphumela yeGladAfica Championship kuleli sonto:
Royal AM 1-0 Pondo Chiefs; Steenburg 1-1 University of Pretoria; TS Sporting 0-1 Free State Stars; Jomo Cosmos 0-0 JDR Stars; Uthongathi 1-1 Polokwane City; Pretoria 0-1 Cape Town Spurs; Richards Bay 0-0 Cape Umoya; Cape Town All Stars 1-0 Sekhukhune.
I-LOG YE-DSTV PREMIERSHIP
AmaqembuPWDLFAPts
Sundowns16106026736
SuperSport16943261631
Swallows1578018929
Arrows15771231428
Pirates17773191428
AmaZulu17674231925
CPT City 16655272523
Celtic16466182018
Chiefs16466161918
Baroka16457172417
TS Galaxy14365141515
Stellenbosch15366162015
Chippa15357151914
Tshakhuma1526782012
Maritzburg15231011229
Leopards1423910249