Swallows FC (0) 1
Kaizer Chiefs (2) 3
IKAIZER Chiefs igxume yahlala emhlane weMamelodi Sundowns kwi-log yeDStv Premiership kulandela ukunqoba kwayo umdlalo weligi ekuhambeni ibhekene neSwallows FC ngeSonto ntambama, eDobsonville Stadium, eSoweto.
IChiefs inqobe lo mdlalo ngegoli likaKeagan Dolly noKhama Billiat oshaye amabili ngokwahlukana kweziwombe.
Elokubika leqembu lasekhaya lishaywe ukaputeni uLebohang “Cheeseboy” Mokoena esiwombeni sesibili.
Lokhu kunqoba kwezikaStuart Baxter kuzibeke endaweni yesibili ngaphezulu kweStellenbosch FC neRoyal AM okuyiwona amaqembu abejaha iSundowns esicongweni.
UBaxter uphoqelekile ukuthi enze izinguquko eqenjini lakhe ngaphambi komdlalo kwazise kubikwe ukugula kwabadlali abathile kanjalo nezigwebo zamakhadi.
Yize iSwallows iwuqale kangcono umdlalo kodwa ibingakhombisi ukuba yingozi kulesi sikimu sikaBaxter ebesihluke kakhulu kunalesi agcine ukubonakala ngaso ebambana naMaZulu ngo-1-1 ngesonto eledlule.
EzikaBrendon Truter osekuyizona ezisemsileni kwi-log, zishaywa nje, kugqame amaphutha azo njengoba amagoli amabili okuqala abengagwemeka kalula.
Ngomzuzu ka-43, uThabo Matlaba uphase ibhola ngaphakathi engazange abuke, ibhola lawela kuBilliat ogingqele uDolly obehamba yedwa lakhala enethini.
Nakwelesibili, elingene ngomzuzu wokugcina esiwombeni sokuqala, ibhola lilahleke esiswini kwiSwallows izama ukulidlala maphakathi nenkundla isidingo singekho.
Kufanele ukuba limcasule kakhulu uTruter elesithathu ngoba lona lingene kusanda kubuywa ekhefini.
Unozinti weChiefs, uDaniel Akpeyi, ususe ibhola emuva lagcina lifike kuBilliat ohambe waze walishaya phakathi kungekho oweSwallows omphazamisayo.
Yize iChiefs ibibukeka ikhululekile kodwa iSwallows ibilokhu ikhombise njalo ukuthi inalo ithuba laze laqhamuka ngomzuzu ka-63, walivalela enethini uMokoena.
Kulimale uHappy Mashiane osizwa ngendaba isikimu kwiChiefs kusukela kubuye uBaxter, indawo yakhe yathathwa wuSiphosakhe Ntiya-Ntiya naye obeqala ukubonakala enkundleni kule sizini.
Ngemizuzu yokugcina engu-15, iSwallows iyona ebingena ezintini zeChiefs kubhoke abadlali abebesanda kungena.
Lokhu bekudalwa ukuhlehla kweChiefs ebikhombisa izimpawu zokukwamukela ukuwina ngo-3-1.
UBaxter uzame ukukugwema lokhu ngokufaka uKgaogelo Sekgota noLebohang Manyama ezindaweni zoDolly noBilliat bobabili abese becwilile. Nokho ekugcineni Amakhosi agcine ekwazile ukuphunga Izinyoni zangawathola amanye amagoli kulo mdlalo. IChiefs izodlala neCape Town City ngoMgqibelo eFNB Stadium. Iqembu laseDube lona lizozama amaphuzu uma selidlala neMaritzburg United ngoMgqibelo eDobsonville Stadium.