ZAKHELE XABA
IKAIZER Chiefs ilindele isinqumo seCourt of Arbitration for Sport (CAS) mayelana necala ebekwe lona eliqulwa namuhla.
Amakhosi aphephele kwi-CAS emuva kokuthi iFifa iwalahle ngecala lokusayinisa umdlali u-Andriamirado ‘Dax’ Andrianarimanana waseMadagascar ngokungemthetho ngo-2018.
Isimangalo sasifakwe kwiFifa yiqembu likaDax, iForsa Juniors, likhala ngokuthi iChiefs iyithathele umdlali esenenkontileka nalo, ayangalinxephezela ngalutho.
NgoFebhuwari uDax ugwetshwe izinyanga ezine engadlali kodwa usamile ekutheni ubengenayo inkontileka neJuniors. IChiefs ugwetshwe ukuthi ingasayinisi noyedwa umdlali amawindi amabili elandelana okungelokuqala kwesizini ka-2020/2021 nelaphakathi nesizini elijwayele ukuba ngoJanuwari.
IJuniors ithe Amakhosi ayefuna ukumthenga uDax kodwa abeka imali encane etafuleni. Kuthiwa uDax watshela iChiefs ukuthi akanayo inkontileka neJuniors. Lokhu kwakusho ukuthi iJuniors izokwamukela isinxephezelo ngoba iyona emkhulisile. Ingwijikhwebu iqhamuke ngesikhathi iJuniors isiqhamuka kwiFifa nenkontileka ithi yasayinwa nguDax ogcine esesola iqembu ngokukokotela indlela asayina ngayo.
Kusasa iChiefs izozwa ukuthi ikusasa liyiphatheleni. Umkhulumeli wayo, uVina Maphosa, ukuqinisekisile lokhu.
“Icala lizongena kwiCAS ngoLwesithathu. Akukho okushintshile. Akukho okuningi esingakukhuluma okwamanje,” kusho uMaphosa.
IChiefs ibukeka isivele iqalile ukuhlomela yomibili imiphumela engabuya nayo kwiCAS. Isivuselele izinkontileka zabadlali ngisho abangadlali okukhona kubona uSiphelele Ntshangase noPhilani Zulu ukuze kungazweli uma igcine ihlulekile ukuguqula isigwebo seFifa.
Uma iCAS ivumelana neFifa ngokuthi Amakhosi agwetshwe lokho kuzosho ukuthi angase akhale ngaphansi kwabanye abadlali abafunayo okukhona kubo uSifiso Hlanti noThabang Monare. IChiefs isanda kuphunyukwa yisicoco seligi ngosuku lokugcina okuyisehlo esidine abalandeli bayo.