STHEMBISO NGOBESE
I-KAIZER CHIEFS, inyukele esicongweni kwiDStv Diski Challenge ku-Group 2 ngemuva kokuguqisa ngo-2-0 iBaroka FC emdlalweni obuseMakhulong Stadium, eTembisa, izolo ntambama.
Amagoli anqobise abafana beChiefs womabili angene esiwombeni sokuqala. Abekwe enethini ngu-Aden McCarthy ngomzuzu wesine noMduduzi Shabalala yena ovakashele inethi ngomzuzu ka-20.
Ukunqoba kweChiefs eqeqeshwa ngu-Arthur “10111” Zwane, kuyenze yagudluza esicongweni izimbangi zayo i-Orlando Pirates esilele isibili. Kodwa-ke womabili la maqembu aseSoweto ayalingana ngamaphuzu njengoba eseqoqe ayisishiyagalolunye emidlalweni emine. Bahlukaniswe amagoli.
IChiefs ikhombise zisasuka ukuthi ifuna ukuwunqoba umdlalo njengoba iqale ngokuhlasela ngamandla zibekwa ebhandeni. Akumangalisanga ngesikhathi ithola igoli lokuvula inkundla ngekhanda likaMcCarthy obethole ibhola ebeliyi-free kick ebiqhamuka kukaputeni uSabelo “Bibo” Radebe.
Ngemuva kwaleli goli Amakhosi aqhubekile nokuhlasela njengoba kuthe ngomzuzu ka-14, uShabalala wahlulwa ithuba elilula lokushaya igoli esebhekene nonozinti weBaroka, uKatlego Molefe.
Kodwa uShabalala ogcine eqokwe njengomdlali wosuku, ulilungisile iphutha lakhe eshaya igoli lesibili ngemuva kwebhola elide ebelisuka kuKamohelo Hoala lahlula unozinti weBaroka, labe seliwela ezinyaweni zakhe walibeka enethini.
Ebona ukuthi amanzi angena endlini, uThabo Nkoana ocija iBaroka wenze izinguquko ezintathu kungakapheli ngisho imizuzu engu-30 umdlalo uqalile.
Ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini uRadebe uyeke ithuba elilula lokushaya igoli lesithathu esebhekene nonozinti kodwa ibhola lakhe laphuma kancane eceleni kwepali.
Esiwombeni sesibili azibanga khona iziqubu ezitheni njengoba womabili amaqembu abehlaselana kodwa imizamo yawo iphelele emoyeni.
Njengoba iChiefs inqobile lapha iqhubekile nokuzibeka ethubeni elihle lokuqeda ibalwa namaqembu amane azodlala imidlalo yowandulela owamanqamu. KuGroup 2, iStellenbosch FC yisona esizihola phambili ngamaphuzu ayisishiyagalombili. Ngemuva kokukhona iMaritzburg United naMaZulu FC nabo abanamphuzu ayisishiyagalombili.
Imiphumela yeDiski Challenge yayizolo:
Mamelodi Sundowns 0-0 Black Leopards, Kaizer Chiefs 2-0 Baroka FC, Stellenbosch FC 5-0 TS Galaxy, Chippa United 1-0 Lamontville Golden Arrows, SuperSport United 0-0 Cape Town City.