IKAIZER Chiefs ibuyela endabukweni emidlalweni yokuqedela isizini ka-2019/2020 njengoba izosebenzisa i-Orlando Stadium njengekhaya layo lesikhashana kwi-bio bubble.
Le nkundla ngokujwayelekile isiyinkundla yasekhaya yezimbangi zawo Amakhosi, i-Orlando Pirates, kodwa ukutonyulwa kwezinkundla amaqembu azozisebenzisa okwenziwe ngoLwesithathu ekuseni, kukhombe Impofana kule nkundla.
IPirates yona ikhonjwe e-Ellis Park, okuyinkundla nayo enomlando nayo kanti bazobambisana neLamontville Golden Arrows.
Elinye iqembu elizodlala e-Orlando, yiChippa United.
IMamelodi Sundowns, evikela isicoco seligi nesethubeni lokuqeda isizini ichoma ngezintathu ngesizini eyodwa, ikhonjwe eDobsonville Stadium khona eSoweto.
Bazoshiyelana inkundla neHighlands Park.
IPolokwane City neCape Town City bazosebenzisa iLoftus Versfeld kuthi ezaKwaZulu-Natal, AmaZulu neMaritzburg United bashiyelane iLucas Moripe Stadium.
USteve Barker, osebenze kakhulu eGoli ekhuzela iPretoria University, unyelwe yinyoni esandleni iStellenbosch FC yakhe inikwa iTuks Stadium, okuyinkundla ezoyishiyelana neBloemfontein Celtic.
Ukubuya kwemidlalo kuqala ngamasemifinal eNedbank Cup ngo-Agasti 8.
Imidlalo yokugcina ye-Absa Premiership iqala ngo-Agasti 11.
ISundowns izobhekana neBidvest Wits, okubhekwe iye eDobsonville.
IBaroka FC ineCeltic kanti kubhekeke baye eBidvest Stadium.
Amaqembu nezinkundla zawo ezintsha:
AmaZulu – Lucas Moripe Stadium
Baroka FC – BidVest Stadium
BidVest Wits – FNB Stadium
Black Leopards – FNB Stadium
Bloemfontein Celtic – Tuks Stadium
Cape Town City – Loftus Versveld
Chippa United – Orlando Stadium
Highlands Park – Dobsonville Stadium
Kaizer Chiefs – Orlando Stadium
Lamontville Golden Arrows – Ellis Park
Mamelodi Sundowns – Dobsonville Stadium
Maritzburg United – Lucas Moripe Stadium
Orlando Pirates – Ellis Park
Polokwane City – Loftus Versveld
Stellenbosch FC – Tuks Stadium
SuperSport United – BidVest Stadium