ICARLING Black Label Cup izocacisa ngezinga elingalindelwa kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini ka-2021/2022.
Lokhu kuvele ngomqeqeshi waMaZulu FC, uBenni McCarthy obeyisimenywa esithangamini ngalo mdlalo ngoLwesithathu emini.
IChiefs izobhekana nePirates e-Orlando Stadium, e-Orlando ngo-Agasti 1 ntambama.
UMcCarthhy, oyidlalile iCarling esekwi-Orlando Pirates ngaphambi kokuwagaxa emgibeni esengena ekuqeqesheni.
Yize bezobe bengekho enkundleni abalandeli ngenxa yokubheduka kweCovid-19 kodwa uMcCarthy, osize AmaZulu aqeda endaweni yesibili kwilog, ulindele lukhulu kwiPirates neChiefs.
“Ngiyathemba ukuthi kuzoba mnandi kakhulu ngoba kumqoka ebholeni laseNingizimu Afrika ukuthi iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates babe sezingeni eliphezulu ukuze bezonika abalandeli izigemegeme ezanele uma sekubuyelwa ezinkundleni,” kusho uMcCarthy.
Ukhuluma kanjena nje uMcCarthy, la maqembu sekunesikhathi ejaha izithunzi zeMamelodi Sundowns.
“Siyawadinga womabili la maqembu ukuthi abelaphaya ezingeni leSundowns ukuze iligi yethu izobakuba semgangathweni,” kusho uMcCarthy.
“Ngiyakholwa wukuthi bazosinika inselelo kule sizini ukuze nathi neSundowns sizohlala simanzonzo.”
UMcCarthy, obengalibheki ipali, ubengomunye wabadlali abebehlezi behamba phambili ngamavoti kwiPirates.
Ukubeka kwakhe AmaZulu endaweni yesibili kusho ukuthi bazodlala kwiCaf Champions League lapho iChiefs efinyelele khona kowamanqamu ngesizini edlule.
kwiCarling kuvotwa ngokuthenga utshwala kodwa kulokhu buvaliwe ngenxa yecoronavirus.
Yize kunjalo kodwa abalandeli basakwazi ukuvota ngokungena kwiwebsite -www.carlingblacklabelcup.co.za.
U-Arne Rust, oyibrand director kwaCarling Black Label, uveze ukuthi sebefinyelele emavotini angaphezu kuka-2 million.
“Abantu bayakuthakasela ukuthi kube nento abayenzayo kulesi sikhathi esibucayi. Kuyavalwa ngoLwesibili oluzayo ukuvotela izinto ezine zokushintsha umdlalo,” kusho uRust.
“Lokho ngukuvotela ukusetha isikimu esizoqala umdlalo, wukusetha indlela abadlali abazoma ngayo enkundleni, wukuqoka okaputeni kanjalo nabazokhahlela amaphenathi. Bazokwethhulwa ngoLwesithathu.”