UZOSHESHE ufike umdlalo womkhaya baseSoweto iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emva kokuthi la maqembu eqhathwe womabili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 izolo ebusuku.
IChiefs izibekisele indawo kweyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano ihlula iMaritzburg United ngo 2-1 izolo ntambama kwi-quarterfinal. NgoMgqibelo, iPirates iguqise iCape Town City ngo 1-0. Imidlalo yomlenze wokuqala wowandulela owamanqamu ingempelasonto yokugcina ku-Okthoba lapho Ezimnyama zizobe zingosokhaya. Umlenze wesibili uzoba ngempelasonto yokuqala kuNovemba.
Kweminye imidlalo yama-semi final kuzoqhuthana iSuperSport United edlule kwiTshakhuma FC ngo 3-2, neBloemfontein Celtic izolo ebusuku eqede ngamaphupho eMamelodi Sundowns okunqoba le ndebe, iyihlula ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium, ePitoli. Igoli eliweze iSiwelele lishaywe uVictor Letsoalo esiwombeni sesibili.
La maqembu yiwona avale isizini edlule ngomdlalo wamanqamu eNedbank Cup lapho iSundowns yadlula ngo 1-0 emdlalweni owashiya amaBrazilians elandelwa wukukhuluma. Lokhu kwadalwa wukufakwa kukaTebogo Langerman ohlwini lwabazodlala ekubeni wayenamakhadi aphuzi. Kube necala kodwa iSundows egcine iliwinile.
Konke lokhu bekunikeza umdlalo wayizolo izinongo ezingawenza ushube. Okunye obekubhekwe ngabaningi yinhlanganisela yabaqeqeshi ebhentshini lamaBrazilians elishaya ngezinjulabuchopho ezintathu, uManqoba Mngqithi, uRhulani Mokwena noSteve Komphela.
Laba banikezwe izintambo ngemuva kokushiya kukaPitso Mosimane oseqeqesha i-Al Ahly e-Egypt. Kubhekwe ukuthi baqhubeke lapho egcine khona ngokuwolela leli qembu laseChloorkop izindebe. Ngesizini edlule ngaphansi kukaMosimane iSundowns iqophe umlando ithatha izindebe ezintathu, eyeligi, iTelkom Knockout neNedbank Cup.
Esiwombeni sokuqala bezibambene kungekho ezigelezelayo ibheke emapalini. Amathuba ambalwa atholwe iSundowns, ayizange ikwazi ukuwasebenzisa. URicardo Nascimento, noGaston Sirino ngabanye babadlali beSundowns abathole amathuba kodwa bavinjwa uJackson Mabokgwane amapalini eSiwelele. UPeter Shalulile ucishe wathola igoli lokuzibula kwiSundowns kodwa laphakama ifulegi. Kulesi siwombe awekho amathuba atheni abetholwe iCeltic.
Sekubuywa iSundowns iqale ngamandla, iwulawula umdlalo. Kwelinye lamathuba ayo uHlompho Kekana udedele inguzunga yeshodi ayizwe ngendaba uMabokgwane iphuma phakathi kwezandla zakhe, kwasiza khona ukuthi ibhola ligqome langaweqa ulayini. Ngokuhamba komdlalo iCeltic ithole i-free kick esayidini ngaphandle kwebhokisi, lelo bhola lithole uLetsoalo wagcina ngokulibuka, uDenis Onyango, layoqabula inethi yeSundowns ngomzuzu ka-69.
Sekubhekwe emizuzwini ewu-90 ibhentshi leSundowns lenze izinguquko ezintathu umkanye, kuphume uShalulile, Rivaldo Coetzee noSirino, kwangena uKeletso Makgwala, Andile Jali noSphelele Mkhulise. Kodwa ekugcineni konke lokho akusebenzanga, kwamuncu ebhentshini, zehla izihlathi eChloorkop.