Richards Bay FC (0) 0
Cape Town Spurs (0) 0
IRICHARDS Bay FC ingene igijima emafutheni eDStv Premiership ngokunqoba isicoco seGladAfrica Championship ngesikhathi ibambana neCape Town Spurs NgeSonto ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
INatal Rich Boys ingene emafutheni ngokuqinisekisa ukuthi ayishaywa kwazise ibimiswe kabi i-University of Pretoria nayo ebibhekene neHungry Lions. AmaTuks neLions bagcine bebambene ngo 0-0.
Ukunqoba kweBay kwandisa amaqembu adlala esigabeni esikhulu KwaZulu Natal, ngesikhathi esifanayo yazisula izinyembezi zangesizini edlule lapho ikhale khona ngaphansi kweyokuhlunga ebiyidlala neChippa United.
Okuqapheleke ngokushesha emdlalweni wukuthi iqembu lasekhaya belidlala ngokukhululeka futhi kuyilona elakha kalula amathuba okuhlohla amagoli esiwombeni sokuqala.
Bekufanele ngabe kuyiwe ekhefini selihamba phambili iqembu lasekhaya kodwa abadlali balo abebethola amathuba, ebegcina ebahlulile ngoba wonke umuntu ubefuna kube wuyena iqhawe elafaka iqembu kwezinoju.
Izivakashi okuyiwe ekhefini seziqala ukukhombisa izimpawu zokubonana kangcono, zibuye ngakho ukuthwalisa kanzima iqembu lasekhaya kodwa nakhona ithuba lokuqala eliwele kwiBay ayizange ilisebenzise.
Ngokuhamba komdlalo, elokhu ezame njalo uSomila Nsundwana, neSpurs ibilokhu iya ngokuya ikhula ngokuzethemba kwazise ibisifika ngisho emapalini eBay.
Nomsindo obusenkundleni bese wehlile (esiwombeni sesibili) kwazise bese kuqala kucaca ukuthi umdlalo awulula ngendlela isiwombe sokuqala esikhombise ukuthi uyikhona.
Lokho bekwenza nakubalandeli enkundleni kube nokuvungama ukuthi ibilokhu ingenile imiyalezo evela eTuks Stadium, ePitoli ibika ukuthi nakhona iTuks neLions bebesabambene ngo 0-0.
Kugcine sekuwukuvala emuva okuyikhona okubukeka sengathi kuzofaka iqembu ezweni lesethembiso. Nangempela kwagcine kwenzeke kanjalo, unozinti evimba ibhola elinzima ekugcineni.
Kucishe konakala ekugcineni kodwa walamula uMartin Jacobs
AmaTuks neCape Town All Stars, eqede endaweni yesithathu, bazodlala eyokuhlunga neqembu eliqede endaweni ka-15 kwiDStv Premiership.
Imiphumela yeGladAfrica Championship: Cape Town All Stars 0-1 JDR; Richards Bay 0-0 Cape Town Spurs; Pretoria Callies 1-2 Jomos Cosmos; University of Pretoria 0-0 Hungry Lions; Uthongathi 1-0 TS Sporting; Venda Academy 1-1 Free State Stars; Platinum City Rovers 0-5 Black Leopards; Polokwane City 4-2 Tshakhuma.