AKUBUZWA ukuthi umdlalo wamasemifinal ozodonsa amehlo eningi ngowamaqembu aseke aba ngompetha balo mqhudelwano, iMamelodi Sundowns neBidvest Wits kodwa lapho kuzoqopheka khona umlando kusemdlalweni weBaroka FC neBloemfontein Celtic.
Womabili la maqembu azonqwama kwi-semifinal yokuqala e-Orlando Stadium, eSoweto ngo-2 ntambama, ngaphambi koweWits neSundowns ngo-7 ebusuku, awakaze adlale kowamanqamu eNedbank Cup.
Lokhu kusho ukuthi iqembu elilodwa phakathi kwabo lizongena emlandweni wokudlala okokuqala kowamanqamu alo mqhudelwano.
Phakathi kwala maqembu yiBaroka egcinile ukudla isicoco iguqisa i-Orlando Pirates kowamanqamu eTelkom Knockout ngo-2018.
ICeltic nayo ike yayinqoba iTelkom iguqisa iSundowns eThekwini ngo-2012.
Iphindile iCeltic yangena kowamanqamu eTelkom ngo-2017 kodwa yaguqiswa yiWits nayo eThekwini.
IBaroka idlulele kuma semifinal iguqisa omkhaya bayo, iBlack Leopards ePeter Mokaba Stadium ngoMashi.
ICeltic yona ithwale kanzima ukuze idlule kwiTS Sporting edlala kwiGladAfrica Championship, inqoba ngo 2-1 emaphenathini ngemuva kokubambana ngo 1-1 Kanyamazane Stadium, eMpumalanga.
ICletic iya kulo mdlalo isiphazamisekile ngemuva kokushiywa isgubhukane ngumqeqeshi wayo ebimuzwa kahle, uLehlogonolo Seema, ovumbuke kwiChippa United.
Esihlalweni asishiye kwiCletic uSeema, kubekwe owayengukaputeni walo iqembu laseBloemfontein, uJohn Maduka.
Ngaphansi kukaSeema iCeltic ibidlala ibhola elihle futhi iyithola nemiphumela encomekayo yize bekunesikhalo esingapheli ngokutenga komnotho kuleliya qembu.
IBaroka ayisilo iqembu elidala kunobhuthsuzwayo waseNingizimu Afrika kodwa selokhu yafika yazakhela udumo lokuba ngufishi omncane odla abakhulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi idume ngayo iNedbank Cup inquma izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs neMoroka Swallows eminyakeni engu-10 eyedlule.
Ngaleso sikhathi ibisadlala kwi2nd Division esiyaziwa manje ngokuthi yi-ABC Motsepe League.
Akuthathanga sikhathi ukuthi idlulele kwi1st Division njengoba isibhukuda nezingwenya kwiPremiership.