Ezemidlalo Ibhola

IBanyana iqhuzuke ngemizuzu yokugcina idlala ngokulingana

Malibongwe|Published

UMGADLI weBanyana Banyana uThembi Kgatlala, okuthe ngoLwesihlanu waqokwa njengomdlali ovelele wosuku uthi kuzomele bazibambe ziqine emdlalweni wokugcina wamaqoqo eNdebeni yoMhlaba Isithombe: ANA

IBANYANA Banyana itshale imbewu yovalo ngekusasa layo kwi-2023 Fifa World Cup, ivumela ukubanjwa ngo 2-2 ngesikhathi ibhekene ne-Argentina ngoLwesihlanu ezintatha.

Amagoli eBanyana ashaywe yizilomo uLinda Motlhalo, noThembi Kgatlana.

UMotlhalo elakhe ulibase kwadideka isizwe sonke ngomzuzu ka-30 kanti uKgatlana inethi uyingqimuze ngomzuzu ka-66.

Amagoli ezitha anenjwe selilikhulu ithemba kwezaseMzansi, ngomzuzu ka-74 noka-79.

IBanyana bekumele inqobe kulo mdlalo obuyivuma kodwa-ke yenzelwa phansi ngubuwaka bukanozinti, uKaylin Swart.

Kuvelile kubalandeli abebengalele bebheke umdlalo oqale ngo-2 ezintathakusa, ukuthi kube yiphutha lomqeqeshi ukuphinda aqalise uSwart ekubeni egodle isilomo sase-Afrika, u-Andile Dlamini.

Lo nozinti weSundowns, uDlamini, uhlafuniswa amaqhwa nje, ubesanda kuqokwa njengomdlali ovelele kuma-SA Sports Awards.

Umdlalo olandelayo weBanyana ungoLwesithathu ngo-9 ekuseni.

Iqoqo lezikaDesiree Ellis, libhekene nobunzima emuva kokudlala ngokulingana neLa Albiceleste.

Yize iBanyana ilahle umdlalo isiwuphethe kwi-Argentina kodwa iqiniso lisekutheni iwubhale kabusha umlando wayo ebholeni lomhlaba.

Lokho kwenzeke ngokuthi ekudlaleni ngokulingana ne-Argentina, ibhalise iphuzu layo lokuqala eNdebeni yoMhlaba.

Kulele ekutheni iBanyana inqume i-Italy ngoLwesithathu, ukuze ibe sesimeni esihle.

UKgatlana ogcine eqokwe njengomdlali ovelele wosuku uthe umdlalo, obusuvele usemgodleni bawulahle kungafanele ekugcineni.

“Ngeke siliphose ithawula kodwa kuzofanele siwunqobe noma yikanjani olandelayo njengoba lo siwulahle ekugcineni. Kuzobaluleka ukuba sihlale siqwashile kuze kube kukhala impempe yokuqeda umdlalo,” kubeka uKgatlana.