Ezemidlalo Ibhola

IBanyana iphaphamise Amakhosi ngeqembu labesifazane

Published

UMQONDISI wezokukhangisa kwiKaizer Chiefs, uJessica Motaung uthi noma yikanjani ngonyaka ozayo leli qembu elihlonishwayo emhlabeni jikelele lizobe selinalo elabesifazane Isithombe: KAIZER CHIEFS ARCHAIVES

NHLANHLA SITHOLE

UKUDLA umhlanganiso kweBanyana Banyana engompetha base-Afrika emva kokunqoba kwayo indebe yeCAF Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon), kuphaphamise abaphathi beKaizer Chiefs ekutheni bawubuke ngelinye iso umdlalo kanobhutshuzwayo kwabesifazane.

Lokhu kulandela ukuphumela obala komqondisi wezokukhangisa kwiChiefs, uJessica Motaung, othe nakuba bengeke besakwazi ukuba nalo ngalo nyaka kodwa ngonyaka ozayo lizobe selikhona elezintombi zaMakhosi.

Lo ngomqondisi wezokukhangisa eqenjini ukusho lokhu ngesikhathi esohlelweni lwezimidlalo kwithelevishini, kwiSABC, olwethulwa nguVusiwe Ngcobo, ngoLwesine ekuseni.

UMQONDISI wezokukhangisa kwiKaizer Chiefs, uJessica Motaung uthi noma yikanjani ngonyaka ozayo leli qembu elihlonishwayo emhlabeni jikelele lizobe selinalo elabesifazane Isithombe: KAIZER CHIEFS ARCHAIVES

UJessica ubevakashele izindlu zokusaka kwaSABC ngenhloso yokuyokwethula ijezi leqembu labo elizinze eNaturena, eningizimu yeGoli, elizogijima ngalo ngesizini ezoqala ngale mpelasonto. Ngenxa yempumelelo yeBanyana awusalanga umbuzo ngokuthi ulibona kanjani ibhola labesifazane emva kwempumelelo yeqembu lakuleli.

Ephawula ngebhola labesifazane nokuthi banaziphi izinhlelo, uJessica uthe: “Nakuba kungeke kusenzeka ukuthi sibe neqembu labesifazane ngalo nyaka kodwa noma yikanjani sizobe sesinalo.”

“Ibhola labesifazane likhula ngesikhulu isivinini emhlabeni jikele, ngakho ngeke kwaba yinto enhle ukuba iKaizer Chiefs enegama elikhulu, ingabi nalo. Okwenziwe yiBanyana Banyana kuphinde kwaba nemvuselelo ezinhlelweni zethu ngebhola labesifazane,” kuchaza uJessica.

Ngaphandle kokuthi uJessica ukhuluma kanje, okunye okungenzeka ukuba kube yifuzela ekutheni iqembu lilubheke ngamanye amehlo udaba lwebhola labesibhuda, wukuqokelwa kwakhe esigungwini esihlela ibhola labesifazane yiConfederaton of African Football (Caf).

Okunye okungabe kucindeze abaphathi beChiefs yisiphakamiso esenziwa yiCaf esithi wonke amaqembu adlala emaligini angaphansi kwezinhlangano zebhola ezingaphansi kwayo (iCaf) kufanele aqinisekise ukuba khona kwamaqembu ebhola labesifazane ezinhlakeni zayo.

Le nhlangano eyengamele ukuphathwa komdlalo kanobhutshuzwayo e-Afrika, kuthiwa yesabisa ngokuthi amaqembu angenawo amaqembu abesifazane ngeke avunyelwe ukubamba iqhaza emiqhudelwaneni ehlelwa ngaphansi kweCaf.

Njengamanje mabili amaqembu kwiPremier Soccer League ngaphansi kweDStv Premiership anamaqembu abesifazane, yiMamelodi Sundowns neRoyal AM.

ISundowns Ladies yiyona engompetha base-Afrika kulandela ukunqoba kwalo iCaf Womens’s Champions League, emva kokuthi iwaqwaqwade wonke edlala nawo kwiSafa Hollywoodbest Super League, okuholele ekutheni idlale nabanye ompetha abaqhamuka emaligini ehlukene ezwenikazi i-Afrika.

Ngakolunye uhlangothi iThwihla Thwahla, yona isanda kuthenga ilungelo leBloemfontein Celtic Ladies, lokudlala kwiHollywoodbets Super League.