XOLILE MPISANE
UGCULISEKILE ngendlela abaqale ngayo kwi-Aisha Buhari Cup, ukaputeni weBanyana Banyana, uJanine van Wyk, lapho beguqise iGhana ngo-3-0 eMobolaji Johnson Stadium, eLagos ngempelasonto.
Igoli lokuqala livalelwe nguHildah Magaia, ogijima kwiMoron BK yaseSweden, elesibili lashaywa isilomo se-Atletico Madrid uThembi Kgatlana, elokugcina laqhamuka kuSibulele Holweni we-University of Western Cape
IBanyana ibidlala okokuqala selokhu yagcina ukubhekana neBotswana neZambia kweyobungani ngo-Ephreli. Bekunengxenye yabadlali eyagcina ukugijima eqenjini lesizwe kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngo-2019.
"Siyazi ukuthi iGhana yiqembu elihlonishwayo ezwenikazi i-Afrika. Noma yiliphi iqembu abasuke belikhethile lisuke linabadlali abayingozi futhi besilindele umdlalo onzima, besilungiselele ukubhekana nempi," kusho uVan Wyk.
"Siyavuma ukuthi sike sadlala namaqembu aseGhana angcono kunaleli kodwa sidlale kahle silithunga ibhola. Besazi uma kumele sihlasele noma sigcine ibhola. Konke lokho sikufunde kule miqhudelwano eminingi esesiyidlalile ndawonye.
"Kunabadlali abamqoka abebengekho eqenjini leGhana kodwa sigculisekile ngendlela esiwuphathe ngayo umdlalo. Sikwenze konke ebesikuhlosile."
IBanyana eqeqeshwa uDesiree Ellis, seyibheke umdlalo olandelayo kulo mqhudelwano eyizowudlala nosokhaya iNigeria ngoLwesibili ngo-3 ntambama. AmaSuper Falcons anqobe iMali ngo-2-0 emdlalweni wawo wokuqala ngoLwesithathu olwedlule.
UKgatlana uthe le midlalo isemqoka kwiBanyana njengoba isabheke iCosafa Cup nemidlalo yokuhlungela i-Women Africa Cup of Nations, neNdebe yoMhlaba yango-2023.
"Kubalulekile ukuthi sidlale namaqembu asezingeni eliphezulu kwazise bese kunesikhathi eside sagcina ukudlala ndawonye. Ukufika kwabadlali abagijima phesheya, kwenze umehluko," kusho uKgatlana.
"Umdlalo wethu neNigeria uzoba nohlonze, sonke siyazi ukuthi sebenqobe imiqhudelwano eminingi e-Afrika futhi bangelinye lamaqembu amakhulu. Sathusa abaningi sibahlula ngo-2018 kwi-Africa Cup of nations eGhana.
"Ngilindele umdlalo onzima kodwa sesizibonisile ukuthi siyiqembu elithanda ukudlala ibhola eliya phambili. Umsebenzi wokushaya amagoli awukho emahlombe ami noma omunye umdlali kodwa kulele ekutheni sizodlala kanjani siyiBanyana.
"Siyazi ukuthi iNigeria inabadlali abayingozi futhi silindele umdlalo omuhle ozojabulisa nabalandeli," kusho uKgatlana.