UKUBONAKALA bezilolonga ndawonye uZakhele Lepasa noLyle Foster, kunika isithombe sokuthi bazodedelwa bobabili kwiBafana Bafana okulindelwe ibhave ngamagoli koweNamibia Isithombe: BACKPAGEPIX
INAMIBIA izothembela esikhwishikhwishini se-Orlando Pirates, uDeon Hotto, ukuba sibacebise ngamaqhinga okunqanda amafolosi eBafana Bafana aholwa nguZakhele Lepasa noLyle Foster.
ULepasa udlala naye uHotto kwiPirates lapho evutha engabaselwe khona.
Akusikho nje ukuvimba uLepasa okulindelwe uHotto acebisa ngakho ezakhe kodwa nokusebenzisa ngendlela inkundla okuzodlalelwa kuyo, i-Orlando Stadium, eyikhaya lePirates.
Ubukhali obukhonjiswe nguLepasa kusuka emdlalweni owedlule weBafana ngoJuni behlula iMorocco nefomu aqale ngayo isizini ka-2023/2024, kwenza kungangabazeki ukuthi amagoli umqeqeshi uHugo Broos uzowalindela kuye noFoster.
UFoster udlala kwiBurnley kwi-English Premier League asanda kungena khona ohlwini lwabadlali baseMzansi abanamagoli kuleya ligi.
Kulabo kubalwa nezinsephe ezinomlando omude wamagoli kwiBafana okungoBenni McCarthy, Shaun Bartlett noPhilemon Masinga ongasekho nabanye.
Okuqaphelekayo ngeqembu likaBroos, wukubizwa kwabagadli abaningi uma kuqhathaniswa nabaqeqeshi baphambilini bale liqembu.
Phezu kukaLepasa noFoster, kukhona noLebo Mothiba odlala kwiLigue 1 nogcine kwiBafana ngo-2019.
Ngaphezu kwabo kukhona noPercy Tau, olibhebhezelisa eGibhithe kwi-Al Ahly ifulegi leNingizimu Afrika.
Kulobo bumnyama kusekhona nezikhwishikhwishi uMonnapule Saleng wePirates noPule Mmodi weKaizer Chiefs.
Ngale midlalo uBroos akalungiseli nje kuphela i-Afcon abaya kuyo e-Ivory Coast ngoJanuwari kodwa okuza kuqala yimidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Kule midlalo iBafana iqhathwe eqoqweni C nezitha zayo ezindala iNigeria bese kuba yiBenin kulandele omakhelwane iZimbabwe neLesotho kuvale iRwanda.
Makhulu kuwo wonke amazwe amathuba okuthola ithikithi eliya kulo mqhudelwano kwazise kuzobe kungowokuqala ukusingatha amazwe angu-48.
Ngaphambi kokuqala le midlalo ngoNovemba neBenin ngoNovemba 13, iBafana isazongcweka nomakhelwane i-Eswatini ngo-Okthoba 13 ne-Ivory Coast ngo-Okthoba 17.
Kwabanye abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika kuzobakhona ukuthi uBroos uyalikweleta izwe ithikithi leNdebe yoMhlaba, kwazise iminwe yakhomba yena ngokugoloza ukubiza uThemba Zwane no-Andile Jali kweyokuhlungela eka-2022.
Nokho-ke abantu baseNingizimu Afrika sebevele bazifundisa ukungalindeli okutheni uma kuyiwa kwiBafana, esibe yisiphoxi seminyaka.
Related Topics: