LIZOBHEKANA neMozambique iqembu lakuleli, iBafana Bafana, kuma-quarterfinal eHollywoodbets Cosafa Cup ezoba seThekwini ngenyanga ezayo.
Amaqembu azobanga lesi sicoco aqhathwe eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili.
Umqhudelwano ozodlalwa ngoJulayi 5 kuya kuJulayi 17, uzohlanganisa amaqembu angu-13 asesifundeni iCosafa kanye nezivakashi ezivela eNtshonalanga Afrika, iSenegal. IZimbabwe izobe ingekho njengoba isamisiwe yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni iFifa.
Isigaba sokuqala salo mqhudelwano kuzoba esamaqoqo lapho kuqhathwe khona amaqembu ayisishiyagalombili akleliswe ngezansi ngokweFifa. Azodudulana emaqoqweni amabili anamaqembu amane iqoqo ngalinye.
KuGroup A kuzogadulisana i-Angola, Comoros, Seychelles neBotswana, kuthi iLesotho, Malawi, Mauritius ne-Eswatini bayibambe kuGroup B.
Amaqembu azoqeda eqhwakele eqoqweni ngalinye azodlulela kuma-quarterfinal lapho iqembu elizodla umhlanganiso ku-Group A lizotholana phezulu neZambia, kuthi elizodla ubhedu kuGroup B libhekane neSenegal.
Kwenye i-quarterfinal iMadagascar izitholana phezulu neNamibia bese omunye umdlalo ube phakathi kwelakuleli neMozambique.
Inkakha yeBafana Bafana, uMark Fish, ebingomunye wabatomula amabhola ngesikhathi kuqhathwa la maqembu, ibona iBafana isethubeni lokuvikela isicoco esinqobe eNelson Mandela Bay Stadium ngokushaya iSenegal sekukhahlelwa amaphenathi nyakenye.
Nokho ulindele ukuthi ibuye ishisa iLions of Teranga, ezobe ibheke ukuthatha eseCosafa Cup ngemuva kokunqoba i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngasekuqaleni konyaka.
“Imidlalo yama-quarterfinal ilapho kucaca khona okuningi kulo mqhudelwano futhi kunamaqembu esilindele ukuthi adlulele phambili. Ngicabanga ukuthi umdlalo weNingizimu Afrika neMozambique kuzoba wumdlalo onzima,” kusho uFish.
“ISenegal ifike ngonyaka odlule yahlulwa kowamanqamu, sibonile futhi sonke ukuthi yenzeni kwi-Afcon. Silindele ukuthi ibophele abadlali abasebasha eqenjini layo kodwa iyiqembu eligijimayo futhi elinamandla.
“Ngikholwa wukuthi uma bengaphinde bahlangane neNingizimu Afrika bazofuna ukushintsha okwenzeka kowamanqamu ngonyaka odlule."
Abalandeli bazokwazi ukuhambela imidlalo kulo nyaka njengoba bagcina ngo-2019 kodwa kuzolandelwa imigomo ye-Covid-19.
Ngokuhambisana nemithetho yezwe, kuzogcwaliswa ingxenye yomthamo wenkundla futhi abalandeli kufanele baveze izitifiketi zokugomela iCovid-19.
Ongagomile kumele aveze ubufakazi bokuthi uhlolile, watholakala engenayo iCovid-19. Lobo bufakazi kufanele kube obohlobo lwe-PCR futhi bungeqi emahoreni angu-72 buthathiwe.
Kusazomenyezelwa ukuthi amathikithi azotholokala kanjani.
ICosafa iphinde yamemezela ukuthi isiqale ubudlelwano nenkampani iHollywoodbets ezoxhasa imiqhudelwano yalesi sifunda kulo nyaka.
Kubalwa iCosafa Cup, Cosafa Women’s Champions League nayo ezoba seThekwini ngo-Agasti neCosafa Women’s Championship ezoba seGqeberha kusukela ngo-Agasti 31 kuya kuSepthemba 11.
Ubudlelwano buzoqhubeka nakwiCosafa Beach Soccer Championship ezodlalelwa eThekwini ngoSepthemba kanye neCosafa Men’s Under-20 ezodlalelwa eSwatini ngo-Okthoba.
Isigaba samaqoqo seCosafa Cup:
Group A: Angola, Comoros, Seychelles, Botswana
Group B: Lesotho, Malawi, Mauritius, Eswatini
Imidlalo yama-quarterfinal yeCosafa Cup:
Madagascar v Namibia
Zambia v Iqembu elizonqoba kuGroup A
South Africa v Mozambique
Senegal v Iqembu elizonqoba kuGroup B