Ezemidlalo Ibhola

IBafana itomule angenamlando kweyokuhlungela i-Afcon

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI weBafana Bafana, uTeboho Mokoena, kulindeleke ukuthi abalwe nabadlali abazobuyisela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ezayo Isithombe:BACKPAGEPIX

IFAKWE eqoqweni namazwe angenamlando otheni ebholeni lomhlaba iBafana Bafana ngesikhathi kuqhathwa azohlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo eMorocco.

IBafana, egile izimanga kwi-Afcon ebise-Ivory Coast ngokubuya nendondo yethusi, iboshelwe ku-Group K ne-Uganda, Congo-Brazzaville neSouth Sudan emcimbini obuyizolo ntambama eGoli.

Amazwe angu-48 aqhathwe kwaphuma amaqoqo angu-12 okuzothi bonke abaqeda beqhwakele bazibekisele indawo eMorocco nabangu-11 abazolala isibili eqoqweni.

Kule midlalo ezoqala ngasekupheleni kukaSepthemba nonyaka, ezikaHugo Broos zigweme ukuqhathwa nezikhondlakhondla zase-Afrika kwazise zikleliswe yi-Fifa kunombolo-10.

Kusukela kufike uBroos kwiBafana likhulu ithemba ngaleli qembu lesizwe ngakho-ke amazwe eliqhathwe nawo kuleli qoqo awabukeki engaba iqhatha elingalibinda.

Kusemqoka ukuhlonipha zonke izitha kodwa kuliqiniso ukuthi awaveli amagama e-Uganda, Congo neSouth Sudan uma kubhungwa ngebhola laseNingizimu Afrika.

Lena ingqayizivele yethuba kwiBafana njengoba isemizamweni yokukwenza umkhuba ukuzibekisela ngezithukuthuku zayo indawo emiqhudelwaneni emikhulu.

Okusondelene ne-Uganda nebhola laseNingizimu Afrika, owayewukaputeni wayo, uDenis Onyango, ungomunye wabadlali asebehlabane cishe ukubedlula bonke ebholeni elikhokhelayo laseNingizimu Afrika.

Kusukela u-Onyango efike kuleli ngeSuperSport United ngo-2006, udlulele kwiMamelodi Sundowns lapho afike khona wadla inqwaba yezicoco.

Cishe kubona bonke abalandeli beBafana abaneminyaka engaphezulu kwengu-30 bafikelwa isithombe sikaMark Fish sango-1998 egcwele igazi uma becabanga ngokubhekana neCongo eBrazzaville.

Nakuba iCongo inomlando omubi neBafana eminyakeni edlule kodwa ngokwenzeka enkundleni akubukeki kungaba inkinga ukuthola amaphuzu kuyona kubafana bakaBroos kanjalo nakwiSouth Sudan.

Esewonke amaqoqo eyokuhlungela i-Afcon yaseMorocco ami kanje:

Group A: Tunisia, Madagascar, Comoros, The Gambia

Group B: Morocco, Gabon, Central Africa, Lesotho

Group C: Egypt, Cape Verde, Mauritania, Botswana

Group D: Nigeria, Benin, Libya, Rwanda

Group E: Algeria, Equatorial Guinea, Togo, Liberia

Group F: Ghana, Angola, Sudan, Niger

Group G: Ivory Coast, Zambia, Sierra Leone, Chad

Group H: DR Congo, Guinea, Tanzania, Ethopia

Group I: Mali, Mozambique, Guinea-Bissau, eSwatini

Group J: Cameroon, Namibia, Kenia, Zimbabwe

Group K: South Africa, Uganda, Congo-Brazzaville, South Sudan

Group L: Senegal, Burkina Faso, Malawi, Burundi