UKUHLULWA kweGhana kungase kufezekise iphupho lomqeqeshi weBafana Bafana, uMolefi Ntseki, lokuqeda esicongweni se-log kaGroup C kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBlack Stars, obekulindeleke ukuthi ijoyine ezinye izinkunzi zase-Afrika ngokuzibekisela indawo kwi-Afcon uma iwina, ibuyiselwe kwamhlaba yiSudan iyihlula ngo 1-0 sekuyisikhathi esengezwe ngunompempe izolo ntambama eSudan.
Lokhu kusho ukuthi iBafana, elinganayo ngamaphuzu nangemidlalo isinethuba lokuqeda phezulu eqoqweni likaGroup C. Lokhu kuyisifiso sikaNtseki ofuna iBafana inyuke ezilinganisweni e-Afrika.
Ngemuva kokwehlula iSao Tome and Principe eMoses Mabhida Stadium ngesonto eledlule, uNtseki wakusho ngaphandle kokungabaza ukuthi ufuna iBafana iqoqe amaphuzu agcwele kuyona yonke imidlalo esele yokuhlunga ukuze ihlonishwe bese inyuka ezilinganisweni zokukleliswa kwamaqembu.
Emidlalweni emibili yokugcina yokuhlungela i-Afcon, iBafana izokwamukela iGhana ngoMashi 22, ivale ngokuvakashela iSudan ngoMashi 30. Okusho ukuthi kumele izishayele yona lezi zinkunzi ukuze iqhwakele.
Ekhuluma nabadlali emuva kokuhlula iSao Tome kabili, uNtseki, uvumile ukuthi ezakhe sezingene ngonyawo olulodwa kwi-Afcon, wancoma indlela abadlale ngayo emidlalweni emibili abahlule kuyona iSao Tome kuleli.
“Kufanele sibonge abadlali ngokuhle abakwenzile phezu kwezinselelo ebesinazo, kwabakhona nabahambayo ngenxa yokulimala.
“Labo abafikile beze ngomoya omuhle. Kade kunokubambisana okukhulu nokuzwana kule khempu. Singabaqeqeshi sijabule,” kusho uNtseki ngemuva komdlalo wesibili neSao Tome obuseBhayi ngoMsombuluko.
Umsebenzi osuhlalele uNtseki nabasizi bakhe u-Arthur Zwane noKwanele Kopo, wukuhlanganisa iqembu elizokwenza kahle kwi-Afcon eCameroon ngo-2022, uma iBafana igcina ngokuya. Nyakenye, e-Egypt ngaphansi kukaStuart Baxter, iBafana ihlulwe kuma-quarterfinal alo mqhudelwano.
“Ngiyajabula ukusho ukuthi lapha kwiBafana, emuva kwale midlalo emibili, sesinayo indlela yokudlala okungeyethu. Sidlale ibhola elihle ngale kokuthi singenelwe ngamagoli amabili.
“Kodwa ngokuhamba kwesikhathi sizobhincisela nxanye abaningi. Le ndlela esidlala ngayo ivumelana nabadlali baseMzansi,” kusho uNtseki. IBafana ishaye iSao Tome ngo 2-0 nango 4-2.
Amazwe asezibekisele indawo kwi-Afcon, yiSenegal ne-Algeria ewine le ndebe e-Egypt nyakenye.
I-log ka-Group C
Amaqembu P W D L Pts
Ghana 4 3 0 1 9
South Africa 4 3 0 1 9
Sudan 4 2 0 2 6
Sao Tome 4 0 0 4 0