ISITOBHA seSuperSport United, uSiyabonga Nhlapo, sivume ukwehliselwa umholo sigwema inhlupheko kwamanye amaqembu.
UNhlapo, ogqame ebholeni lakuleli edlala kwiJomo Cosmos, bekuvele ukuthi uyashiya kuleli qembu laseTshwane emuva kokuphela kwenkontileka yakhe. Nokho iSuperSport kade inombandela wokuyivuselela ngonyaka obuncike ekutheni uNhlapo uyavuma ukwehliselwa umholo. Amatsatsantsa a Pitori asekuveze kaningi ukuthi adonsa kanzima kwezomnotho nokuholele ekutheni adayise abadlali okukhona kubona uGrant Kekana no-Aubrey Modiba asebeyibamba kwiMamelodi Sundowns.
Kumanje azama ukudayisa uSipho Mbule noTebogo Mokoena. Enye indlela yokwehlisa izindleko yeSuperSport bekuzoba wukudayisela i-Orlando Pirates umgadli uBradley Grobler. Nokho kuze kube manje akucaci ngakho.
"Bazongigcina okwamanje ngoba ngivumile ukwehliselwa umholo. Ngivumile ngoba ngisaqedela izifundo zami lapha. Okunye wukuthi amanye amaqembu ngeke angikhokhele le mali engiyifunayo futhi amanye awayikhokhi ngisho imali yokusayina ngenxa yesimo esikhona. Noma yikuphi lapho engiya khona ngizotshelwa ukuthi inkulu imali engiyifunayo. Nakuba ngingakaboni ukuthi umholo wehliswe kangakanani kodwa kungcono ngiqhubeke khona lapha. Konke kuzocaca uma sengihlangane nemenenja yami, uGlyn Binkin," kusho uNhlapo.
UNhlapo, owenza iziqu zeSport Management eVaal University of Technology, uphenduke ukudla kwebhentshi ngesizini edlule ngaphansi komqeqeshi uKaitano Tembo. Udlelwe ijezi ngumdlali osemncane uKeenan Phillips, obedlalela iqembu lesizwe lika-U/20.
ISuperSport, eyawina indebe yeMTN 8 ngo-2019, ithwale kanzima ngesizini edlule yagcina ihlulekile ukuzibekisela indawo emiqhudelwaneni yeCaf. Azikashabalali izinkulumo zokuthi iyadayiswa phezu kokuba izikhulu seziyichithe kaningi le ndaba.
Khonamanjalo; iMaritzburg United ivuselele izinkontileka zabadlali abayisihlanu okunguTravis Graham, Dylan Classen, Clayton Daniels, Ryan Rae noBongokuhle Hlongwane obekuthiwa ufunwa yiPirates neMamelodi Sundowns.