IMARITZBURG United iyithatha njengeyamanqamu yonke imidlalo engu-15 ezoyicacisela ngekusasa layo kwiDStv Premiership.
ITeam of Choice iyibambe emsileni kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emuva kwemidlalo engu-15. Iwine imidlalo emibili kuphela emzuliswaneni wokuqala wesizini ka-2020/2021. Namuhla ngo-5 ntambama, i-United izoqala umzuliswano wesibili uma seyamukela iBlack Leopards emdlalweni wePremiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. La maqembu abelethene emsileni we-log kwazise iLeopards isendaweni ka-15.
Umdlali wasesiswini weTeam of Choice, uTravis Graham, uthe umqondo asebenawo manje owokusebenzela ukuwina yonke imidlalo engu-15 ebasalele.
"Sinemidlalo yamanqamu engu-15 phambi kwethu. Sidinga ukuyiwina yonke. Yilowo umqondo esinawo eqenjini. Iqembu lisalokhu lisebenza kanzima. Wonke umuntu eqenjini uyakuqonda ukuthi sizodinga ukuzimisela okuphelele kithina sonke ukuze siphume kule nkinga. Nginethemba lokuthi sizoziklomelisa ngokuwina," kusho uGraham owayengukaputeni we-Ajax Cape Town kumasizini edlule.
IMaritburg inethuba lokulala isixebukile emsileni we-log. Kudingeka yehlule iLeopards ngamagoli amathathu. Nokho akubukeki kuzoba wumsebenzi olula kwazise iLidoda Duvha ibukeka isinomgqigqo kulandela ukuwina imidlalo emibili ilandelana. Yethuse abaningi ibuya namaphuzu agcwele kwiLamontville Golden Arrows eThekwini ngesonto eledlule. Ngempelasonto edlule ikhiphe AmaZulu kwiNedbank Cup.
Ukusinda nokudliwa yizembe kweTeam of Choice kuncike ekushintsheni kwezinto kule midlalo engu-15 eyisalele.
"Kufanele singaxhamazeli. Siyakuqonda ukuthi akuyona into enhle ukulengela ezembeni kodwa akufanele singenwe ngamanzi emadolweni. Kufanele sigxilise imiqondo yethu emsebenzini ophambi kwethu, silwele amaphuzu amathathu," kusho uGraham.