NAKUBA iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) iya emdlalweni wokuvula isizini ingenaye umqeqeshi emuva kokuthi uNorman Mapeza elaxaze umsebenzi maphakathi nesonto kodwa iqembu liyazethemba ngokugila izimanga uma selidlala koweMTN 8 ngempelasonto.
ITTM, ebidlala kwiGladAfrica Championship, ingene kwiMTN 8 ngethikithi leBidvest Wits elithenge isitifiketi sayo sokudlala esigabeni esiphezulu sePremier Soccer League (PSL).
Izovula isizini ngokubhekana nompetha beWafa Wafa, iSuperSport United, ngoMgqibelo eThohoyandou Stadium ngo-3 ntambama.
IFar Sport ibike ukuthi uMapeza, oke waqeqesha iChippa United, ushiye umsebenzi esanamasonto ambalwa eqashiwe ngoba ethi “akusebenzeki”. Nokho umqondisi wosomaqhinga kwiTTM, uJoel Masutha, ngoLwesibili utshele abezindaba ukuthi njengamasosha bazofela empini.
“Izinto zihamba kahle yize singazange sibe nezinsuku eziningi zokuziqeqesha kodwa kasifuni ukuvika ngalokho. Njengamasosha uma ethunywa empini sizolwa. Sifuna ukukhombisa amanye amaqembu ukuthi size lapha ukuzoqhudelana nawo. Awukho umdlalo ngaphandle kwalo esingazikala ngawo,” kusho uMasutha.
Uveze ukuthi naye umsebenzi wokuba yinhloko yosomaqhinga uwuthathe ngesonto eledlule, uthe ebhentshini kuzobe kuhlezi yena nalabo abebesiza iqembu ngesikhathi lidlala kweyokuhlunga kwiGladAfrica Championship.
Iqembu liyaqhubeka nokuhlola abadlali abasha engekho umqeqeshi. UMasutha uthe ozoqashwa uzochazelwa ngohlobo lwababadlali abakhona.
Udalule nokuthi eqenjini ebelidlala kwiGladAfrica cishe basele nabadlali abahlanu babe babili abebekwiWits bese iningi kube ngabadlali abasha.
Ngasohlangothini lwe-United, umqeqeshi uKaitano Tembo, uthe bagxile kubona, abazinakile izinkinga ezihlasele izimbangi zabo. “Ngeke kube umdlalo olula. Sidlala neqembu elisha esingalazi. (Kodwa) Ngeke sivume ukuthi okwenzeka laphaya kusiphazamise. Ubaluleke kakhulu lo mdlalo kithina," kusho uTembo.
Imidlalo yeMTN 8 ngempelasonto:
NgoMgqbelo: Tshakhuma FC v SuperSport United (3pm, Thohoyandou); Orlando Pirates v Cape Town City (6pm, Orlando Stadium).
NgeSonto: Kaizer Chiefs v Maritzburg United (3pm, FNB Stadium); Mamelodi Sundowns v Bloemfontein Celtic (6pm, Lucas Moripe Stadium).