KUBUKEKA sengathi iRoyal AM ayizimisele ukuluyeka ludlule udaba lokwehliswa kwayo esicongweni seGladAfrica Championship kwazise isonge ngokuya eNkantolo yokuDluliswa kwamacala, eBloemfontein ngemuva kokuthichwa yiNkantolo eNkulu yaseGauteng, ngoMsombuluko.
Esinye sezikhulu zeRoyal AM, uRichard Makhoba, sichashunwe kwi-kickoff.com lapho sifunde sagomela ukuthi ngeke baluyeke lolu daba yinqobo nje uma uphawini usekhona.
I-Royal AM ichithwe yiJaji u-L. Windell ngoMsombuluko lapho ibizama khona ukuthi inkantolo ibeke iPremier Soccer League (PSL) nesikhulu esiphezulu esibambile, uMato Madlala, icala ngokushaya indiva umthetho wayo (inkantolo) ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga.
NgokukaMakhoba, isinqumo sikaJaji uWindell asisho lutho kubona ngoba abakulwelayo ukuthi bamenyezelwe njengompetha beGladAfrica Championship, bakhushulelwe kwiDStv Premiership, hhayi iSekhukhune United.
“Ebesikufuna ukuthi iPSL nesikhulu sayo esiphezulu batholwe benecala ngokuqhubeka nemidlalo yokuhlunga.
“Kusemqoka ukukhumbula ukuthi ingqikithi yecala ukususwa kwethu ngokungemthetho esicongweni, konke lokhu okunye kuyimixhantela.
“Isinqumo seJaji uSutherland (owavuna isinqumo sikamahluleli weSafa) isona esisiyisa eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala, eBloemfontein.”
UMakhoba uthe, abantu bangenzi iphutha lokucabanga ukuthi sekuphelile ngabo ngoba uWindell ubejaja kuphela okuqondene nemidlalo yokuhlunga nesikhulu esiphezulu.
“Sisakholelwa ekutheni icala lethu linesisindo yingakho silidlulisela phambili ngeqholo. Siyaqonda ukuthi kungathatha izinyanga ukuthi udaba lwethu lulalelwe eBloemfontein, kodwa siyakholelwa ekutheni kulapho sizosondela khona esinqumeni esiwumnqamulajuqu,” kusho yena.
Uxwayise iPSL ukuthi ingazisoli ngokukhipha uhla lwemidlalo yesizini entsha yeDStv Premiership kusenecala eliqhubekayo ngoba lokhu kungabuya kube enkulu inkinga kuyona.
“Kusethusile ukubona uhla lwemidlalo yesizini entsha ngoba besazi ukuthi sizonikwa ithuba lokuqhubeka necala lethu njengoba sathenjiswa kanjalo.
“Kulungile, kodwa amaqembu azodlala neSekhukhune kumbe iChippa United bekungawasiza ukudlala leyo midlalo ngaphansi kwesimangalo ngoba akekho owaziyo ukuthi luyophetha ngokuthini lolu daba.”