UMOLEFI Ntseki obengumqeqeshi weKaizer Chiefs obehlaselwa abalandeli Isithombe: BACKPAGEPIX
I-PREMIER Soccer League (PSL) ihlawulise iKazier Chiefs ngokudingisa abalandeli emdlalweni wayo weDStv Premiership neCape Town Spurs ngoLwesithathu oluzayo, kulandela ukulahlwa kwayo icala elifanayo amahlandla amathathu kulandelana.
UZola Majavu ongumshushisi wePSL usimemezele izolo isigwebo seChiefs (elivumile icala ebisolwa ngalo), kulandela ukuvela kwayo ekomidini lale nhlangano eliqondisa ubugwegwe.
Ukuziphatha okungemukelekile kwabalandeli abathile beChiefs emdlalweni wayo naMaZulu FC kwiCarling Black Label Cup Knockout kule nyanga, bese kungokwesithathu kusukela kuqale isizini.
Kusukela isizini iqalile, uMolefi Ntseki, obengumqeqeshi wayo, ubesephume esegadwe amaphoyisa ngoba ejikijelwa kowe-TS Galaxy eMbombela Stadium noweSuperSport United ePeter Mokaba Stadium njengoba kwenzeke okufanayo e-FNB, bekhishwa AmaZulu kwiCarling KO.
Kulandela ukuvela kweChiefs amahlandla amabili kuleli komiti ngezinsolo zecala elifanayo ngaphambi kokugwetshwa izolo, uMajavu ubelokhu eyisikaze njalo ngokuthi ilengela eweni lokubukwa izihlalo.
“IChiefs ivele ekomitini eliqondisa ubugwegwe ngamacala ebisolwa ngawo okungaziphathi kahle kwabalandeli abajikijela ithimba labo labaqeqeshi uma bengeneme ngemiphumela,” kusho uMajavu ethimbeni labezindaba lePSL.
“Ikuvimile konke ebisolwa ngakho iChiefs okulandelwe ukuthi ilahlwe icala. Kusemqoka ukuqonda isigwebo seChiefs kwazise isivele amahlandla amathathu phambi kwaleli komiti ngecala elifanayo.
“Izigwebo (zemali) nokudingiswa kwabalandeli ebezilengisiwe ngesivumelwano sokuthi ngeke itholakale ecaleni elifanayo ezinyangeni eziyisithupha ezizayo, zivukile ngoba besingakapheli isikhathi sesivumelwano sokuthi ngeke itholakale isecaleni elifanayo,” kusho uMajavu.
“IChiefs izowudlala ngaphandle kwabalandeli umdlalo wayo wasekhaya neCape Town Spurs ngoNovemba 8, kanti noR50 000 obulenga kufanele iwukhokhe ngokushesha.
“Nezindleko zokuhlala kwecala izolo zizoshaya yona belu iChiefs ephaketheni.
“Iphinde yalengiselwa uR300 000 ngesivumelwano sokuthi ngeke itholakale isecaleni elifanayo ezinyangeni eziyisithupha ezizayo.
“IChiefs ixwayiswe nangokuthi uma lesi sigwebo sikhombisa izimpawu zokungezweli, i-PSL izoshaya umthetho wokuthi iwudlalele enkundleni okungeyona eyayo olandelayo uma lo mkhuba uqhubeka,” kuphetha uMajavu.
Related Topics: