ICHIPPA United ifuna unozinti omusha, ozovala isikhala sikaVeli Mothwa osejoyine AmaZulu.
IChippa ithole iphuzu ibhekene neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 1-1, eNelson Mandela Bay Stadium eBhayi, izolo ntambama. Igoli leChippa lishaywe ngu-Augustine Kwem esiwombeni sokuqala, kwathi uThabo Rakhale washayela iTTM elokulinganisa kwesesibili.
IChilli Boys idlale okokuqala ngemuva kokulaxazwa ngukaputeni wayo uMothwa okuthiwa uthenjiswe itshe lemali kuMaZulu. Umqeqeshi uLehlohonolo Seema, uthe uMothwa akanyenyanga eqenjini kodwa uxoxisene nabo, wabatshela ukuthi Usuthu lumthembisa imali engcono kunaleyo abamnika yona. Wathi kufanele bathole omunye unozinti ozobanga ijezi no-Ayanda Mtshali noMlungisi Mazibuko obevimbile izolo.
IChippa ikhombise amandla umdlalo usaqala, nokho ibihluleka ukushaya amagoli phezu kwenqwaba yamakhona nama free-kick ebiwathola.
Ambalwa amathuba aphakamisa amaphaphu navinjwe ngunozinti weTTM, uWashington Arubi. Nokho ugcine ehlulekile ngomzuzu ka-25 ngesikhathi abadlali bakhe basemuva behluleka ukukhipha ibhola ebelidlalwe ebhokisini kunesibhudubhudu. Walivalela phakathi uKwem. Emuva kwaleli goli iTTM ivuke emaqandeni yahlasela kodwa yahluleka ukugqobhoza udonga lweChippa.
Esiwombeni sesibili iTTM ibuye ngomfutho ifuna igoli lokulinganisa. Kusheshe kwayilungela ngomzuzu ka-51 ngesikhathi uRakhale evalela phakathi ibhola eliwiselwe kuyena ngumdlali wasemuva weChippa.
Nokho umgqigqo weTTM wokuzama igoli lokuwina uphazamisekile ngesikhathi uMeshack Maphangule ethola ikhadi elibomvu emuva kokudlalisa kabi uMduduzi Sibeko weChippa. Emuva kwalokho iChippa izamile ukusebenzisa ukushoda kweTTM kodwa ayiphumelelanga.
Khonamanjalo iKaizer Chiefs inqobe ngo 1-0 ngegoli lika-Eric Mathoho emdlalweni womlenze wokuqala womzuliswano wokuqala wokuhlungela amaqoqo kwiCaf Champions League. IChiefs ibidlala nePWD Bamenda eCameroon, izolo ntambama.
Umlenze wesibili uzokuba kuleli ngoDisemba 5-6.Ozowina lapha uzodlulela emzuliswaneni wesibili wokuhlunga. IBloemfontein Celtic idlule ngo 2-0 kwiManiema yaseDRC ekuhambeni kowokuhlunga weCaf Confederation Cup.