KUVELA ukuthi iKaizer Chiefs isishintshe umqondo ngabadlali abathathu ebivume ukubaboleka iSwallows kuze kuphele isizini ka-2020/2021.
Ngasekuqaleni kwesizini, iChiefs ivumelane neZinyoni ukuthi ziqhubeke zisebenzise abadlali ebezikade zibaboleke kusukela ngesizini edlule zisayibamba kwiGladAfrica Championship.
Abadlali ngu-Itumeleng Shopane, Ayanda Rorwana, Given Thibedi noSizwe Twala okunguye kuphela othole ithuba lokudlala esikimini esikhulu seChiefs.
Izolo kuvele ukuthi Amakhosi asenqume ukubuyisa uRorwana, Twala noShopane bazolekelela esikimini somqeqeshi uGavin Hunt esidonsa ngodizili. Amakhosi awakwazanga ukusayinisa abadlali abasha ekuqaleni kwesizini ngenxa yesigwebo seFifa ehlulekile noma isiyosiphikisa kwiCourt of Arbitration for Sport.
Aphoqeleke ukudedela nabebekade beziqeqesha nayo. IChiefs yagwetshwa yiFifa amawindi amabili ingasayinisi abadlali abasha ngemuva kokulahlwa yicala ngokungalandeli imigudu efanele ngesikhathi isayinisa u- Andriamirado Andrianarimanana kwiFoca Juniors yaseMadagascar.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe akanalo ulwazi ngabadlali ababuyiswayo. Ukusho lokhu emyalezweni omfishane awuthumelele leli phephandaba.
“Angikatholi lutho oluvela ehhovisi okwamanje,” kusho uMaphosa.
Nokho umthombo ongaphakathi kwiSwallows uvumile ukuthi uRorwana, Twala noShopane abasekho ejimini yeZinyoni.
“Engingakusho ukuthi sebephindele kwiChiefs. Anginayo imininigwane eminingi kodwa abasekho lapha eqenjini,” kusho umthombo.
Usihlalo weSwallows, uDavid Mogashoa, ucashunwe yi-Kick Off ethi: “Kuyiqiniso ukuthi abadlali u-Ayanda Rorwana, Itumeleng Shopane noSizwe Twala sebephindele kwiChiefs. UThibedi usenathi kuze kuphele isizini.”
Kubadlali abathathu ababuyiswa yiChiefs akekho obekade esethole indawo esikimi somqeqeshi uBrandon Truter.
UThibedi, oyibamba enkabeni yenkundla usekuzwile ukudlala kwiDStv Premiership.
URorwana, Shopane noTwala bazojoyina abanye abadlali abasebancane okukhona kubona uNkosingiphile Ngcobo bayozama ukuhlenga umkhumbi waseNaturena obukeka uzika.
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, iChiefs izogadulisana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont. Kwi-log iChiefs isendaweni ka-11 ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emithathu.