Lamontville Golden Arrows (2) 3
TS Galaxy (0) 0
I-LAMONTVILLE Golden Arrows iqinise ithemba lokudlala kwiCAF Confederation Cup, ngesikhathi izidlela amahlanga kwiTS Galaxy koweDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont izolo ntambama.
Amagoli e-Arrows ashaywe nguMichael Gumede, Pule Mmodi noNtsako Makhubela esiwombeni ngasinye. I-Arrows ingene enkundleni ibheke ukuthola amaphuzu okuzinza endaweni yesithathu kwi-log, ukuze izibekisele indawo emqhudelwaneni iCAF Confederation Cup ngesizini ezayo. Ngaphambi komdlalo wayizolo, Abafana Bes'thende bese bedlale imidlalo emine bengawini.
Nakuba i-Arrows iphambili ngemidlalo emibili kwi-Orlando Pirates, esezithendeni zayo, kodwa ukucosha amaphuzu amathathu kuyibeke ethubeni lokudlala kwiCAF okokuqala emlandweni wayo. Konke sekuncike emidlalweni emibili yokuvala isizini ye-Arrows nemine esalele iPirates.
Amanye amaqembu anethuba lokuphuca i-Arrows iqatha emlonyeni yiSwallows neSuperSport United. Iqembu elizogcina lilele endaweni yesithathu yilona elizodlala kwiConfederation Cup.
Nokho izolo bakhombise zibekwa ukuthi bawafuna ephelele amaphuzu. Usaqala umdlalo bekubukeka iGalaxy izokwazi ukuyivimba i-Arrows, ngokuvala zonke izintuba. Kodwa amaphansi asheshayo abafana be-Arrows, abeyidida iGalaxy. Kuphele imizuzu eyisithupha umdlalo uqalile, labhakuza inethi lishaywa nguGumede emuva kwebhola aligingqelwe ngobunono nguDevine Lunga kwesokunxele. Emuva kwegoli, i-Arrows iqhubekile nokucindezela. Ngomzuzu ka-32 uMmodi ucishe ibhola ngaphandle kwebhokisi alinikwe nguNtsako Makhubela, walishaya layobhajwa ezintanjeni, wandiza waphela unozinti weGalaxy, uMarlon Heugh.
Esiwombeni sesibili i-Arrows iqhubekile nokucanasa. Nokho ithuba lokuqala elicacile lokushaya igoli liwele iGalaxy ngesikhathi uMxolisi Macuphu obesanda kungena, engqofa ibhola kuyi-free kick kodwa walichitha unozinti we-Arrows, uSifiso Mlungwana. Ngomzuzu ka-61 iphinde yakhala inethi ngesikhathi uMakhubela etshuzela ibhola eligotshwe nguNduduzo Sibiya, elibeka phakathi ngekhanda. I-Arrows iqede umdlalo ingasaphelele ngemva kokuthi uSibiya ethole ikhadi eliphuzi lesibili ngomzuzu ka-89, okumkhombe ngaphandle.