SEKULOKOZA inhlansi yethemba ngesicoco seDStv Premiership ekhempini yeLamontville Golden Arrows.
Isizini eqale ngesivuvu, abanye bethi ifomu ye-Arrows iwumlilo wamaphepha, yingaphetha ngomlando ongeke uphinde ulibaleke ebholeni laseMzansi. Izingqapheli ziyakuveza ukuthi emuva kweminyaka ethize, cishe kuwona wonke amaligi, kuyenzeka elinye lamaqembu athathwa njengamancane lishiye wonke umuntu ebambe ongezansi.
Abafana Bes'thende sebeyakholwa wukuthi bangayiwina iligi uma bengazigcina bencikene neMamelodi Sundowns, ebashiya ngamaphuzu amane esicongweni se-log. Namuhla ngo-5 ntambama, lingase licace ikusasa le-Arrows ngesicoco seligi uma isigijimisana neSundowns eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Unozinti waBafana Bes'thende, uSifiso Mlungwana, uthe noma kanjani kufanele banqobe.
"Asikwazi ukuhlulwa yiSundowns. Siyasala embangweni. Igebe lizovuleka kakhulu. Asikwazi ukuvumela lokho kwenzeke. Kufanele sifele enkundleni, ikakhulukazi ngoba silahle amaphuzu amabili kwiChippa emdlalweni odlule. Siyasala kakhulu. Amathuba okuwina iligi akhona. Kusengenzeka noma yini. Okwethu wukuhlala siseduzane. Siyakhuluma singabadlali, ukuthi uma singawina kwiSundowns nakuMaZulu ngempelasonto, sizobe sesiyibona indlela," kusho uMlungwana.
I-Arrows isawine kanye emidlalweni eyisihlanu edlule. Idlale ngokulingana kwemine. Ukuhluleka ukuqoqa amaphuzu agcwele kule midlalo kuholele ekutheni igudluzwe ngaMaZulu endaweni yesibili kwi-log. Emkhankasweni wayo wokubuyisa umgqigqo, izobhekana neSundowns esazikhotha amanxeba emva kokuxetshulwa yiKaizer Chiefs emdlalweni wakamuva weligi.
"Yisikhathi esikahle impela lesi sokudlala neSundowns ngoba izotatazela ngemuva kokwenzeke ngempelasonto edlule. Kuzoba wumdlalo kanoma wubani. Kodwa thina kufanele senze ngakho konke ukuthi siyawina. Siyayidinga ngempela le wini. Uma singayitholi iligi, sivumelene singabadlali ukuthi silwele ukuyodlala e-Afrika, nathi sizwe ukuthi kunjani kwazise kuhlala kudlala iSundowns, Chiefs ne-Orlando Pirates. Ukufuna ukuyozwa ukudlala kwiCaf ngenye yezinto ezisigqugquzelayo ukuthi sisebenze kanzima," kusho uMlungwana.
Umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, uthe kufanele baliqaphele ijubane le-Arrows esiqede ngalo amaqembu amaningi. ISundowns ibambe umoya ngomgadli uPeter Shalulile osalimele. Abanye abangatshazwayo nguGaston Sirino ongawuqedanga oweChiefs noBrian Onyango.
Imidlalo yeDStv Premiership namuhla:
Ngo-3pm: Tshakhuma v Bloemfontein Celtic (Old Peter Mokaba Stadium); Kaizer Chiefs v Chippa United (FNB Stadium).
Ngo-5pm: Baroka v TS Galaxy (Peter Mokaba Stadium); Mamelodi Sundowns v Lamontville Golden Arrows (Loftus Versfeld); Cape Town City v AmaZulu (Cape Town Stadium).