LITHUMELE incwadi enohlu lwezimfuno kwiConfederation for African Football (Caf) iqembu likaPitso Mosimane, i-Al Ahly, ngaphambi komdlalo wamanqamu weCaf Champions League.
IRed Devils izobanga indebe neWydad Athletic eMohammed V Stadium, eMorocco ngoMeyi 30.
I-Al Ahly beyingayizwa indaba yokubhekana neWydad enkundleni yayo, yaze yabhalela iCaf incwadi icela ukuthi umdlalo uyiswe kwelinye izwe kodwa kwafana nokuthela amanzi emhlane wedada.
Liphinde laqinisekisa ukuthi udaba liludlulisela nasenkantolo yezemidlalo ezinze eSwitzerland, iCourt of Arbitration for Sport.
Kodwa ngoLwesibili ebusuku lidalule ukuthi lizodlala eMorocco uma iCaf nabahleli bomdlalo befeza izimfuno ezithile.
"Sifuna iCaf inike abalandeli be-Al Ahly ingxenye yenkundla ukuze womabili amaqembu asekwe ngokulinganayo. Sizimisele ukuwakhokhela amathikithi ezigaba ezahlukene. Sizolinda impendulo yeCaf mayelana namanani amathikithi," kusho i-Al Ahly encwadini eyibhalele iCaf ngoLwesibili ebusuku.
“Sifisa ukuthi iCaf iqinisekise ukuthi ingxenye yenkundla izogcwaliswa ngabalandeli be-Al Ahly kuphela futhi ikucacise lokhu kwabahlela umdlalo.
“Ngaphezu kwalokho kumele kuqinisekiswe ukuphepha kwawo wonke umuntu ozobamba iqhaza emdlalweni futhi abahleli bawo kumele basebenzise yonke imigomo ebekwe yiCaf neFifa ukuze kugwenywe izimo ezingathikameza umdlalo.
"Sidinga nosizo oluphezulu mayelana nokusiza abalandeli be-Al Ahly ukuthi bathole amaphepha okungena eMorocco ukuze bakwazi ukuthamela udlalo. Asinaso isikhathi esiningi sokwenza lokhu njengoba umdlalo useduze futhi sidinga impendulo emahoreni angu-72 alandelayo."
Ngaphandle kwalezi zimfuno eziphathelene nenkundla nezokuphepha, ezikaMosimane zithinte nodaba lonompempe nokusetshenziswa kweVAR (Video Assistance Referee).
“ICaf kufanele iqoke onompempe abaphambili e-Afrika ukuthi baphathe umdlalo. Ingabathathi onompempe abenze amaphutha adale izinkinga emiqhudelwaneni edlule,” kuqhuba i-Al Ahly encwadini.
"Onompempe base-Europe okufanele baqashelwe ukubhekana neVAR njengoba kwenziwe ngesikhathi kudlalwa eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, ikakhulukazi njengoba iqembu elizonqoba lizomela i-Afrika kwiFifa Club World Cup."
Umengameli we-Al Ahly, uMahmoud El Khatib, useqoke ikomiti elizobhekana nezinhlelo zokuyisa abalandeli eMorocco.
IRed Devils iguqise i-ES Setif yase-Algeria ngo 6-2 ukuze izibekisele indawo kowamanqamu kanti iWydad idlule kwiPetro de Luanda yase-Angola ngo 4-2 kowandulela owamanqamu.