SITHEMBISO MKHIZE
OKUHLE kubukeka kulyilandela iNingizimu Afrika okuvela ukuthi ingase iqophe umlando ngokuba nomqhudelwano wezokusubatha weTrack and Field, iDiamond League okungagijima kuyo abasubathi bezinga eliphezulu.
Lezi zindaba okungabuzwa ukuthi zizokwehla kahle kubantu bakuleli, zivezwe ngumengameli we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana.
Uthe ufonelwe yisisebenzi seWorld Athletics, e-England sibuza ukuthi i-ASA kayifisi yini ukuba neDiamond League noma iContinental Tour Gold ngonyaka ozayo.
USkhosana uthe isikhulu seWorld Athletics sithe kuvalwa khona ngoLwesine ukufakwa kwezicelo zokuba nale miqhudelwano.
Uthe ucishe wamelwa yinhliziyo ezwa lezi zindaba ethuswa ukuthi abakaze bafake sicelo.
“Ngijabule futhi ngithukile ngoba besingakaze sifake izicelo zale midlalo ehlonishwa kangaka emhlabeni.
“Kumele siqale sibheke okuhle nokubi esingakuthola. Siphinde sicwaningisise ukuthi beza nani thina sizokhiphani.
“Engaka amazwe emhlabeni iWorld Athletics ivele yabona thina singakwazi ukuba nale miqhudelwano.
“Lokhu kuwubufakazi bokuthi sinabasebenzi kwi-ASA abawenza ngokuphelele umsebenzi wabo. Kuyasijabulisa uma esikwenzayo kubonwa iWord Athletics”.
IDiamond League wuchungechunge lwemijaho yeTrack and Field yezinga eliphezulu egijinywa kumazwe ahlukene.
Yasungulwa ngo-2010. Akuyi noma yimuphi umsubathi kuyo kodwa bayamenywa. Kuleli kujwayele ukuya abafana noWayde van Niekerk, Caster Semenya, Akani Simbine, Luvo Manyonga ukusho abambalwa.
E-Afrika, iMorocco kuphela eba nayo. Iwubambela ePrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat.
Amanye amazwe okudlalelwa kuwo iDiamond League, iNorway, Qatar, China, Italy, USA, Switzerland, Monaco, UK, France, Belgium neSweden.
IContinental Tour Gold ebuye yaziwe ngeWorld Athletics Continental Tour isezingeni lesibili emiqhudelwaneni ehamba phambili.
Ezwenikazi i-Afrika, yiKenya eba nayo. Kukhona neContinental Tour Silver neContinental Tour Bronze.