UTHULANI Ntuli uyise kaBongi Ntuli amukela abadlali, abaphathi nezinye izihambeli ngesikhathi bezobabona izolo eMkhambathini Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
ENDLINI yakwaNtuli lapho kuzilelwe khona obengumgadli waMaZulu FC, uBongi Ntuli, uma ungena khona ukhangwa yimvunulo nomnazaretha kulenga emgibeni.
Usizi belubhalwe ebusweni kumkakhe uSinenjabulo Zungu, obehleli kumatilasi namanye amalungu omndeni kubo komyeni wakhe. Laba bashade ngoSepthemba umshado omhlophe, bekumele babe nomgcagco ngeSonto adlule ngalo uNtuli. Kuvele ukuthi imvunulo yakhe bese ilungile.
Ngesikhathi abadlali bephuma endlini kade beyokhalisa umndeni eMkhambathini izolo, babodwa abebehluleka ukufihla imizwa yabo njengoba bebekhala.
Okukhulunywe nabo baveze ukuthi basakhungathekile ngokudlula emhlabeni ngokuzuma kukazakwabo.
Lo mgadli ushonele esibhedlela ngeSonto ntambama kulandela ukugula isikhashana. Iqembu esitatimendeni lithe bekusanda kutholakala ukuthi unomdlavuza osabalele ezingxenyeni ezahlukene zomzimba.
UGeorge Maluleka ngomunye wabadlali ababonakale bephuma kuqala endlini, ehluleka wukuzibamba, ekhala.
Isitobha soSuthu uRamahlwe Mphahlele, sithe kumele kukhulekelwe umkakhe, umndeni (kaNtuli) nezingane azishiyile.
“Ngaphandle kokuba ngumdlali webhola ubengumyeni, eyindodana futhi ewubaba ezinganeni ezinhle asezishiyile. Laba ngabantu okumele sibathandazele kakhulu. Sithandazela ukuthi uNkulunkulu awuqinise umndeni wakhe,” kusho uMphahlele ofikelwe wumunyu ngesikhathi ekhuluma.
“Ngeke sikuzibe ukuthi ubengumdlali webhola futhi engumgadli oyingozi kakhulu. Silahlekelwe kakhulu. Ubengumuntu olwela iqembu ngaso sonke isikhathi. Ubehlale eqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyamamatheka.
“Ngadlala naye kwiMamelodi Sundowns kwathi uma ngijoyina AmaZulu ngazitshela ukuthi mhlawumbe usezohluka kodwa ngamthola esengumuntu oyedwa. Ubekuthanda ukushaya amagoli, nasejimini ubesithwalisa kanzima thina esidlala emuva. Ubezinikele kakhulu emsebenzini wakhe. Lesi yisikhathi esinzima kakhulu kithina sonke.”
UMbongeni Gumede obehlala egumbini elilodwa noNtuli uma iqembu likhempile emahhotela, uthe: “Ubengomunye wamasosha ethu futhi silimele kakhulu. Ubengenanxa namuntu. Kunzima kakhulu ngoba silahlekelwe umfowethu nomngani. Sishaqeke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba yinto eyenzeke isigubhukane.
“Ingxoxo yokugcina engiyikhumbulayo esibe nayo bekungesikhathi sidlala neChippa United (ngo-Okthoba 28) kodwa bengingacabangi ukuthi sekungeyokugcina. Ngashaya igoli kulowo mdlalo wangihleka ngoba ngingumdlali wasemuva. Ngibe sengincokola ngithi ngizomfica kungekude, wavele wahleka kakhulu wathi ngeke kwenzeke lokho ngoba useshaye inqwaba yamagoli.”
Umqeqeshi weqembu, uPablo Franco Martin, ucele ukungaphawuli kwabezindaba ngenxa yomunyu. Uyise uThulani Ntuli naye ugcizelele ukushaqeka kwakhe ngokubehlele.
“Ngifisa ukube ngimubone egula aze anciphe nasemzimbeni. Namanje ngikhuluma ngiphuma ukuyombona emakhazeni ngamfica ewuyena nje.”
Inkonzo yesikhumbuzo sakhe izoba seMoses Mabhida Stadium namuhla ntambama ngo-3 kanti uzofihlwa kusasa eMkhambathini.