XOLILE MPISANE
ABADLALI nabaqeqeshi beMamelodi Sundowns Ladies bazoklonyeliswa ngemali njengoba benqobe isicoco sokuqala seCaf Women Champions League ngoMgqibelo, ngokusho kukasihlalo weqembu uThlopie Motsepe.
Lokhu ukusho ngesikhathi leli qembu lifika esikhumulweni sezindiza-OR Tambo eGoli, izolo ekuseni ngemuva kokuhlula ngo-2-0, iHasaacas Ladies yaseGhana kowamanqamu eCairo, ngoLwesihlanu ebusuku.
Yize engasidalulanga isamba esizotholwa wumdlali nomqeqeshi ngamunye, uMotsepe uthe njengeqembu bazimisele ukuwakhipha lawa mabhonasi, kodwa basalinde neCaf ukuthi idalule ukuthi yimalini abazoyithola ngokunqoba lo mqhudelwano.
Ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano akuzange kushiwo ukuthi ompetha bazothola malini, okuzitolika ngokuthi okwamanje ayikho imali etholwayo kwabesifazane ngokudlala kulo mqhudelwano.
“Iqembu linezinhlelo zokuklomelisa iqembu lethu ngomsebenzi oncomekayo eliwenzile," kusho uMotsepe.
"Besivele sikucacisile lokhu futhi yinto ephakathi kweqembu, abadlali nabaqeqeshi.
"Engingakuqinisekisa ukuthi nakanjani kubafanele ukuklonyeliswa ngokufanele ngenxa yalokhu abakuzuzile eCairo. Ngeke ngikhulume okuningi okwamanje ngenxa yokuhlonipha inhlangano (iCaf) okusamele icacise ukuthi sizothola malini njengeqembu."
UMotsepe uthe uyaziqhenya ngeqembu labesifazane njengoba linqobe isicoco esikhulu emaqenjini abesifazane kwizwekazi i-Afrika futhi bazoxhumana nezinhlangano eziphethe ibhola mayelana nokufaka uphawu lwenkanyezi ngaphezu kwebheji leqembu ejezini.
ISundowns ivele inayo inkanyezi ejezini layo kulandela ukuthi iqembu labesilisa lanqoba iCaf Champions League ngo-2016.
“Siyaziqhenya ngezintokazi ngalokhu ezikwenzile kodwa besivele siziqhenya ngazo ngaphambi kokuthi zinqobe lo mqhudelwano,” kuqhuba uMotsepe.
“Ukuzimisela kwabadlali, nomsebenzi owenziwa ngabaqeqeshi uyamangalisa. Simbonile nomqeqeshi u-Agnes (Nkosi) eqhubeka nokuzibonakalisa njengoba ebesebhentshini kulo mqhudelwano.
“Sincoma ngisho nabasehhovisi abenza umsebenzi oncomekayo wokuqhakambisa okuhle okwenziwa yizintokazi zethu ezinkundleni zokuxhumana. Sihlela ukuqhubeka nalokhu futhi sihlose ukukhipha nefilimu ezokhombisa uhambo oluhanjwe yiqembu lethu.
“Asifuni ukulahlekelwa ngumlilo owokhelekile njengoba benqobe le ndebe. Sifuna ukuthatha lokhu siqhubeke nokugqugquzela isizukulwane esizayo sabadlali bebhola besifazane.
"Manje sesingaqala izingxoxo nezinhlangano ezehlukene mayelana nenkanyezi. Okwamanje besingenaso isiqiniseko ngemithetho ngoba bekuyiCaf Women's Champions League yokuqala.
“Asikwazanga ukuqala lezi zingxoxo emasontweni edlule ngoba besifuna ukugxila kulezi zintokazi sizisize zenze kahle enkundleni. Njengoba sesingompetha, sesingakwazi ukuthola ulwazi lokuthi singaqhubeka kanjani."
ISundowns Ladies izoqhubeka nemidlalo yeHollywoodbets Super League uma isidudulana ne-JVW FC ngoLwesithathu ntambama.
Isaqhwakele ngamaphuzu angu-61 futhi isidinga elilodwa kuphela emidlalweni emine esele ukuze ivikele isicoco sayo seligi.
Umqeqeshi, uJerry Tshabalala, uthe bayaziqhenya ngabakwenze e-Egypt, kodwa kusazomele bazimisele kule midlalo yeligi esele.
"Sisalelwe yimidlalo emine enzima, ngoLwesithathu sizodlala ne-JVW ekhaya. Sengike ngakhuluma nezintokazi ngazitshela ukuthi noma sesikuzuzile ebesifuna ukukuzuza kwiChampions League, kusamele sizimisele kwiligi,” kusho uTshabalala.
“Njengoba nazi angiyena umqeqeshi owaneliseka kalula. Ngifuna sithathe yonke into, singashiyi lutho. Sifuna ukuqhubeka nokwenza kahle kwiligi. Ngesizini eyedlule asizange silahle maphuzu, ngeshwa kule sizini sidlale ngokulingana kowodwa kodwa sizozama ukuqeda singahluliwe,” kuphetha uTshabalala.