BAHLEKA bodwa abalandeli be-Orlando Pirates kulandela izindaba zokusayiniswa kwesibabuli somdlali wasesiswini uThabang Monare obegijima kwiBidvest Wits.
NgoLwesithathu leli qembu laseSoweto liqinisekise ukuthi usengumdlali walo uMonare, obemataniswa neKaizer Chiefs ngaphambi kokuthi kuphele isizini. UMonare ujoyine abanye abadlali abaseqopheleni eliphezulu abasayiniswe Ezimnyama okubalwa kubu uThulani Hlatshwayo, Deon Hotto, Terrence Dzvukamanja, Wayde Jooste noCollins Makgaka.
UMonare uthe liyamjabulisa ithuba lokudlalela leli qembu.
“Kuyangijabulisa ukusayinela leli qembu. Ngiyathemba ukuthi ngizokwenza umehluko ngesikhathi engizosichitha kwiPirates. Ngicabanga ukuthi idlala istayela sebhola esihambasanayo nami, lokho kuzongisiza futhi kuzolisiza iqembu lonke kule sizini,” kusho uMonare kwi-website yePirates.
IBucs ayigcinanga ngokutheza kuleli windi lokudayiselana ngabadlali njengoba idedele abadlali abawu-8. Kulabo badlali kubalwa u-Alfred Ndengane, Diamond Thopola, Xola Mlambo, Meshack Maphangule, Brian Hlongwa, Thembela Sikhakhane, no-Augustine Mulenga.
Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bebhola kuleli abakhohlwanga ukuqhoshela abalandeli beChiefs ngalezi zindaba kwazise ayikwazi ukusayinisa abadlali kanti nalabo abebemataniswa nayo sebevumbuka kwamanye amaqembu.
IChiefs isalindele isinqumo ngokumiswa ekusayineni abadlali.
They said Monare is going to Chiefs pic.twitter.com/KMHC7FOCcC
— Pat (@PatBafo) October 14, 2020
KC supporters crying over Monare being signed by Bhakajuju are exposing themselves that they can’t think long term but qhubekani shem, qhubekani pic.twitter.com/VHylGBqQBs
— Karabo Rithuri 🐐 (@Karabo_Rithuri1) October 14, 2020
Thabang Monare is also gone. I feel 💔 for @KaizerChiefs... Odds are against the team. Shall we 🙏 achieve something this season, against all Odds. #Amakhosi4Life pic.twitter.com/tCGc4G7oPg
— Nathi Shabangu (@DavidNathi) October 14, 2020