Indodana yakhe ifunwa uthuli ngamaqembu amakhulu e-Absa Premiership okubalwa kuwo iKaizer Chiefs, ne-Orlando Pirates.
Utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi bengumndeni bangakuthokozela ukubona uSifiso egijima kweZimnyama.
UHlanti (30), usephenduke inyama emaqenjini ePremiership, emuva kokuthi iqembu lakhe lithengwe eLimpopo nguLawrence Mulaudzi nokubhekeke ukuba lifudukele eVenda ngesizini ezayo kanti lizobizwa ngeTTM (Tshakuma Tsha Madzivhandila).
IBidvest Wits ibidlala umdlalo wayo wokugcina ngaphansi kwePremier Soccer League izolo lapho ibibhekene khona nePolokwane City.
Uthe ungumlandeli wokuqina weZimnyama kanjalo namalungu omndeni njengoba ngisho naye lo mdlali ekhule engumlandeli wayo.
‘’Eqinisweni kuyisifiso sami esikhulu ukubona uSifiso edlala kwiPirates ngoba vele mina ngiwumlandeli wayo kanti-ke futhi nakhona ekhaya sonke silandela iPirates ngisho naye uSifiso uqobo,” kuchaza uHlanti omdala.
Uqhube wathi: “Ngingathi nje naphezu kokuba thina siwumndeni sinesifiso esikhulu sokumbona egqoke ijezi lePirates kodwa konke lokho kusezandleni zakhe nemenenja yakhe (uSizwe Ntshangase) okuyiyona ephethe izindaba zomsebenzi wakhe,” kuqhuba uyise kaHlanti .
“Noma ngabe ugcina ngokusayina kuliphi iqembu, mina njengoyise engiyokujabulela nje ukumbona eqhubeka nokwenza into ayithandayo neyisinkwa sakhe,’’ kusho uHlanti.
Umphathi wesikhungo sabadlali abasakhuliswa esisoSizweni, iFight Killers Academy, u-Enos Magugu, uthe uSifiso ngenxa yokuba yisiphikeleli, kumenza akulungele ukubhekana nenselelo yokulwela ijezi kunanoma yiliphi iqembu elikhulu lePremiership elingase limsayinise ngaphambi kokuqala kwesizini ezayo.
“Ngokwami usevuthwe ngokwanele ukudlala kunanoma yiliphi iqembu elikhulu.
“Mina-ke anginandaba nokuthi uyakuphi, inqobo nje uma eye lapho kufisa khona inhliziyo yakhe,’’ usho kanje.
Nakuba iPirates neSundowns bebalwa namaqembu asembangweni wokuhlwitha uHlanti kodwa iyaqina eyokuyamaniswa kwakhe neNaturena osekunesikhathi eside imcathamela ngisho nangaphambi kokusayiniswa kwakhe yiWits esuka oSuthwini.