STHEMBISO NGOBESE
IMENENJA kaLebogang Manyama ogijima kwiKaizer Chiefs, uMaimane Phiri, ithi konke sekulele ezandleni zeqembu ngekusasa lalo mdlali obuye agijime nakwiBafana Bafana.
UManyama ongomunye wabadlali abamqoka kwiChiefs, ufike kuleli qembu eliqeqeshwa nguGavin Hunt, ngesizini ka-2018/2019 esuka kwiKonyaspor yaseTurkey.
Ukubhimba kwezinto phesheya kwezilwandle kuholele ekutheni abuyele ekhaya. Ngaphambi kwalokho uManyama wayegijima kwiCape Town City ashiya kuyona eqokwe njengomdlali ovelele kwiPremier Soccer League (PSL).
Inkontileka yakhe naMakhosi iyaphela ngoJuni nonyaka. Lokhu kusho ukuthi njengoba kuzovulwa iwindi lokusayiniswa kwabadlali ngoJanuwari 18 uzobe usenelungelo lokuxoxisana nanoma yiliphi iqembu elimfunayo.
UPhiri utshele iSolezwe ngeledlule ukuthi basalinde abaphathi beChiefs ukuqala izingxoxo mayelana nodaba lokuvuselela inkontileka yalo mdlali. Uthe umdlali usekuvezile ukuthi usafuna ukuqhubeka nokuhlala eNaturena.
“Okwamanje sisalinde yona (iChiefs) ukuthi ize kithina ngodaba lwenkontileka entsha. ULebo usekuvezile ukuthi usafuna ukudlala kwiChiefs kwazise usaphatheke kahle selokhu ayijoyina ngo-2018. Kodwa-ke ngingasho nje ngithi konke sekulele ezandleni zeChiefs ngekusasa likaManyama,” kusho uPhiri.
Abanye abadlali beChiefs abaphelelwa yizinkontileka ngoJuni uKhama Billiat, Bernard “Die Hond” Parker, noWillard “Salt & Vinegar” Katsande.
Ngesizini edlule iChiefs igcine ilahlekelwe uGeorge “Mido” Maluleka osekwiMamelodi Sundowns kade ibamba iyeka ngezingxoxo zenkontileka entsha. UMaluleka ugcine esayine inkontileka yesibambiso ne’Downs. Amakhosi aqoma ukumkhomba indlela maphakathi nesizini yize ebengomunye wabadlali abebeyizethenjwa zobengumqeqeshi u-Ernst Middendorp.