Sibusiso Mdlalose
ISIKHULU saMaZulu FC uQedusizi “Qedi” Dlamini, sishaya phansi ngonyawo sithi akukho mdlali ozodayiswa yileli qembu kuleli windi lePremier Soccer League (PSL) elisanda kuvulwa lokuhwebelana ngabadlali.
Lenkulumo ilandela ukuvela kwemibiko ethi isibabuli somdlali wasesiswini kuleli qembu, uSiyethemba Sithebe, sifunwa uthuli yiMamelodi Sundowns.
Ngeledlule kusabalale imibiko eveza ukuthi uSithebe nomgadli uBongi Ntuli, bacathanyelwa ngamanye amaqembu aseGauteng, nokuyilapho isikhulu saleli qembu uDlamini sicashunwe khona sikubeka ngokucacile ukuthi leli qembu alibadayisi laba badlali ngoba akaboni ukuthi likhona iqembu elingavuma ukwehlukana nesizumbulu sikaR25 million ukuthola laba badlali.
Ethintwa yiSolezwe ngeSonto ekuqaleni kwaleli sonto uDlamini (Qedi), ngenhloso yokuthola ukuthi leli qembu liyazi yini ngokufunwa kukaSithebe yiSundowns, ukubeke kwacaca ukuthi leli qembu laseChloorkop belingakaze libathinte ngalo mdlali obalwa nabamqoka kuleli qembu laseMbelebeleni.
“Cha, iSundowns ibingakaze ikhulume nathi ngoSiyethemba, nathi siyamangala nje uma sesibona emithonjeni yabezindaba ukuthi iyamfuna, ekubeni thina singakwazi lokho. Futhi nemenja yakhe ibingakakhulumi nathi ngodaba olunjengalolo,” kucacisa uDlamini.
Eqhuba ube esekuqinisekisa nje ukuthi akekho umdlali abamdayisayo njengamanje, ngoba inhloso yabo enkulu ukugcina abadlali babo abamqoka ngenhloso yokuqinisa isikwati sabo ukulungiselela isizini ezoqala.
“Ngakho-ke asisafuni ukuyikhuluma manje le ndaba yabadlali bethu okulokhu kuvela ukuthi bafunwa amanye amaqembu aseGauteng ngoba asisafune lutho oluzophazamisa izinhlelo zethu zokulungiselela ukuqala kwesizini ezayo. Ngikhuluma nje ngoLwesine (esho isonto eledlule) iqembu lethu liyaqala ukuzilolonga,” kusho uDlamini.
Nakuba lesi sikhulu saMaZulu sisho kanjena kodwa oyimenenja kaSithebe, uSihlangu Sithebe, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi abeSundowns bayaxoxisana naye.
“Yebo, iSundowns iyakhuluma nami. Ngikhuluma nawe nje namhlanje (ngoMsombuluko) bengikhuluma naye umqeqeshi wayo uPitso. Zona “zisesemanzi” izingxoxo zethu okwamanje kodwa kuyathembisa ikakhulukazi njengoba iSundowns ibeka into ezwakalayo impela etafuleni.
“Yize uSiyethemba eyihlonipha inkontileka yakhe asenayo neqembu lakhe AmaZulu, nami futhi njengemenenja yakhe ngiyakuhlonipha lokho kodwa iqiniso ukuthi naye (uSiyethemba) ukulangazelele ukukhula njengomdlali webhola athole enye inselelo,” kusho uSithebe, ongummeli (ngokomsebenzi) nomalume walo mdlali.
USithebe (27), odabuka eLister Farm, ngasoSizweni, eNewcastle, kumasizini amathathu egijima oSuthwini, usephenduke insika kuleli qembu njengoba ngesizini edlule eyiqale yonke imidlalo engu-30 yeligi wabamba neqhaza leli qembu lilwa nokubalekela izembe.