APHAKATHI komhlane nembeleko amaqembu eDStv Premiership, okulindelwe athule abaqeqeshi ngokushesha ukucaba indlela yamalungiselo esizini ezayo.
Izolo kungene igama likaDaniel Malesela esigqokweni sabaqeqeshi abafuna umsebenzi, okulindelwe bavumbuke emaqenjini okubalwa kuwo iRoyal AM neLamontville Golden Arrows.
UMalesela ungene ohlwini lwabaqeqeshi abangenawo umsebenzi ngesikhathi iMarumo Gallants abeyifake kowamanqamu eNedbank Cup, yethula uRomain Folz waseFrance.
IGallants yona ithe uFolz ngowaseMorocco kodwa emabaleni adle ngawo ngathi wumlando wokusebenza e-Afrika, okubalwa nakwiTownship Rollers yaseBotswana.
“Ngijabule ngokuba yingxenye yeMarumo Gallants kanjalo nokuba seligini efana nePSL,” kusho uFolz esitatimendeni esithunyelwe yiGallants.
Akucaci ukuthi yini eqhathe iMarumo noMalesela, obukeka enezwaca lokugcina umsebenzi yize libatshazwa nguwonkewonke ibhola alidlalisayo elidla utshani futhi elisheshayo.
Kubaqeqeshi abangenawo umsebenzi okwamanje, uMalesela ubalwa noGavin Hunt osale ezinsisheni emuva kokuba kuqale isonto emataniswa neMaritzburg United.
Iqembu laseMgungundlovu ligcine lethule uJohn Maduka, elimtshontshe kwi-AM, ezodlala iCaf Confederation Cup.
Nakuyo i-AM uHunt ubesikazwa kodwa kungenwe empelasontweni sekuhamba phambili igama lika-Owen da Gama, ongomunye wabaqeqeshi asebephila ngokuntanta namaqembu.
Ngaphandle kwe-AM, elinye iqembu okulindelwe ukuthi licacise ngomqeqeshi ngokushesha, yi-Arrows, ebingakacacisi ngamabamba athathile ixosha uLehlohonolo Seema.
Abathathe ekubeni ngamabamba kuSeema, ngabebengamaphini akhe uVusumuzi Vilakazi noMabhuti Khenyeza osekhonjwa kuMaZulu FC.
USeema naye akanawo umsebenzi, ubalwa nabantu abanjentoStuart Baxter, Benni McCarthy, Ernst Middendorp, Roger de Sa, Fadlu Davids, Pitso Mosimane cishe noMuhsin Ertugral ongumahamb’abuye.
Elinye iqembu okulindelwe licacise ngomqeqeshi yi-Orlando Pirates, esele noMandla Ncikazi, oqede isizini eyibamba.