Zakhele Xaba
ZIZODLA emaphaketheni amaqembu ePremier Soccer League (PSL) izindleko zokuhlala emgonqweni okuhloswe ngawo ukuvikela ukusabalala kwegciwane iCorona.
Lokhu kudalulwe ngusihlalo wePSL, u-Irvin Khoza, izolo ngesikhathi ememezela izinsuku zokubuya kwemidlalo ye-Absa Premiership neyeGladAfrica Championship.
Isinqumo sokubuyela ensimini sithathwe emhlanganweni weBoard of Govenors yeNational Soccer League (BoG) obukade uyizolo. UKhoza uthe kuzoqalwa ngemidlalo eyandulela owamanqamu weNedbank Cup ngo-Agasti 8 okuzogadulisana kuyo iMamelodi Sundowns neBidvest Wits.
Komunye iBloemfontein Celtic izobhekana neBaroka. Amaqembu azodlala kwiNedbank azongena kuqala emgonqweni ngo-Agasti 7, amanye alandele ngo-Agasti 11.
Emasontweni edlule amaqembu kade ekhala ngokuntula inkece yokukhokhela ukuhlolela abadlali iCovid-19 nokuhlanza izindawo zokuziqeqesha.
“Amaqembu azozikhokhela izindleko zokuhlala emgonqweni. Sekuphele izinyanga ezine amaqembu siwaholela kodwa ingekho imali esiyidonsayo. Okujwayeleke wukuthi kube eyezinto zokuthutha nokunye. Sonke lesi sikhathi kade eyithola injalo. Kufanele singakubukeli phansi ukwesekwa abaxhasi bethu abasiqondile isimo sethu, baqhubeka nokusinika imali nakuba besikade singabadayiseli lutho,” kusho uKhoza.
Amaqembu kuthiwa akagonqe emahhotela ahlukene eGauteng nabantu abawu-50 kuhlanganisa abadlali nezikhulu.
“Kuzohlolwa emahoreni awu-48 ngaphambi kokungena emgonqweni. Umuntu ozovunyelwa ukungena okuzotholakala ukuthi akanayo iCovid-19. Uma utholakala ukuthi unayo, ngeke uvunyelwe ukungena,” kusho uKhoza.
Isizini ka-2019/2020 kulindeleke ukuthi isongwe ngasekupheleni kukaSepthemba uma sekuphele imidlalo yokuhlunga okucacisa ngeqembu lesibili elizogawulwa yizembe noma elizonyukela kwiPremiership.
Bathemba imidlalo yeligi izophuthulwa ngempelasonto yokuqala kaSepthemba. Umdlalo wamanqamu weNedbank Cup yiwona okuzogcinwa ngawo.
Imidlalo yeligi izoqhubeka lapho igcine khona ngoMashi. Lokhu kuchaza ukuthi kuzodlalwa umdlalo owawubhekwe ngabomvu phakathi kweSundowns ne-Orlando Pirates. Omunye umdlalo owawulindelwe ophakathi kweKaizer Chiefs neBidvest Wits.