UMBONGENI Gumede waMaZulu uthi kumele bagxekwe nabo njengabadlali ngokungenzi kahle kweqembu Isithombe: BACKPAGEPIX
ISITOBHA saMaZulu FC, uMbongeni “Shoes” Gumede, asiyizwa eyokuthi nxa iqembu lingenzi kahle kuphunywe iqhubu nomqeqeshi weqembu uCavin Johnson.

Ngokusho kwakhe nabo njengabadlali kufanele bagxekwe ngoba banomthelela.

Usuthu aluyiqalanga kahle isizini ka-2019/2020 njengoba selushaywe imidlalo emithathu, ladlala ngokulingana kowodwa.

Kumanje luyibambe emsileni welogi ye-Absa Premiership ngephuzu elilodwa emidlalweni emine.

Sezikhona izimpukane eziluhlazana ezithi uJohnson usengcupheni yokulahlekelwa yitoho ngendlela izinto ezenzeka ngayo.

AmaZulu azodlala neLamontville Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiership eSugar Ray Xulu Stadium ngoMgqibelo.

UGumede uthe kufanele nakanjani banqobe ngoMgqibelo ngoba bonke imisebenzi yabo isengcupheni.

“Ngiyazi ukuthi esikhathini esiningi nxa izinto zingahambi kahle eqenjini kuyaye kubhekwe umqeqeshi. Mina ngokwami ngibona kufanele sibhekwe sonke okufaka phakathi nathi singabadlali. Kufanele sikuqonde ukuthi sidlalela iqembu elikhulu futhi nabalandeli bethu bayaseseka. Yingakho ngithi ngoMgqibelo siyolwela amaphuzu amathathu kwaphela kwi-Arrows. Lawo maphuzu kuzobe kungewona awomqeqeshi kodwa ngaweqembu lonke,” kusho uGumede izolo.

Ebuzwa ukuthi ngabe balindele umdlalo onjani kwi-Arrows, esinqobe imidlalo emibili, yadlala ngokulingana kowodwa yashaywa kanye, uthe kuzoba nzima.

“Imidlalo yabakhaya ayikaze yaba lula neze. Badlala kahle selokhu kuqale isizini kodwa lokhu akusho lutho. Ifomu ayisebenzi emidlalweni yasekhaya, kuya ngokuthi osukwini ngubani ozihlele kahle,” usho kanje uGumede.

Akucaci noma abadlali abalimele boSuthu bazobe sebewulungele yini umdlalo. Lapha sibala unozinti uSiyabonga “Nqaba” Mbatha, Michael Morton, Butholezwe Ncube noLehlohonolo Majoro.

Ngokusho komqeqeshi woSuthu laba badlali bebedinga amasonto ambalwa ukuze balulame.

Hleze ikhefu leFifa libe yisibusiso kuMaZulu ngokunika laba badlali isikhathi esanele sokululama.

“Ngesizini edlule asiqalanga kahle kodwa sibhukule ngamandla sabuya. Ngalokhu ngizama ukusho ukuthi siyasazi isimo esikusona njengeqembu futhi sizozama ngakho konke okusemandleni ukuphuma kusona,” kuphetha uGumede.