KUBATSHAZWA ikhono kumdlali omusha waMaZulu, uRally "Larry" Bwalya, okulindeleke ukuthi ethulwe yileli qembu kuleli sonto.
Leli phephandaba lithole ukuthi Usuthu seluqede konke nalesi siklwibhisi saseZambia esiyibamba esiswini kwiSimba SC yaseTanzania.
UBwalya (27) kulindeleke ukuthi avale isikhala esivuleke emuva kokuhamba kukaSiyethemba Sithebe okhonjwa kwiKaizer Chiefs. Udlale imidlalo eyisishiyagalolunye kwiSimba emiqhudelwaneni iCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngesizini ka-2021/2022, washaya amagoli amabili. Ujoyine iYanga ngo-2020 esuka kwiPower Dynamos yaseZambia.
USuthu seluvele lusayinise uDumisani Zuma, Gabadinho Mhango, Ishmael Wadi, Thendo Mukumela, Augustin Kwem, Veluyeke Zulu noRiaan Hanamub.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kuMaZulu, uBwalya ufana nse ngokudlala no-Isaac Chansa owayedlalela i-Orlando Pirates eminyakeni edlule.
"Ungumdlali osezingeni eliphezulu kakhulu futhi uyawashaya amagoli. Udlala kwiSimba kumanje futhi udlalela iqembu lesizwe laseZambia. Unekhono elihle kakhulu. Uzomenyezelwa yiqembu ngoLwesihlanu," kusho umthombo.
Ngaphandle kukaBwalya, Usuthu luzokwethula nomunye umdlali waseNingizimu Afrika kanye nethimba labaqeqeshi elizosizana noBrandon Truter osanda kugixabezwa ngenkontileka entsha. Kunamahlebezi athi kuzobuyiswa uMabhuti Khenyeza nomqeqeshi wonozinti, uDavies Phiri, abakwiLamontville Golden Arrows.
Izolo umengameli woSuthu, uSandile Zungu, wenqabile ukuphawula ngeyabadlali nabaqeqeshi abayamaniswa neqembu lakhe.
"Angiphiki futhi angivumi. Uma sekufike isikhathi sizomemezela konke njengoba sihlala senza," kusho uZungu.
UZungu uveze ukuthi iqembu lizoqala amalungiselelo esizini entsha ngoJuni 27. Lizoya ekhempini eLimpopo ngaphambi kokubuya lizodlala umqhudelwano, iKZN Mayoral Cup. Emdlalweni wokuvula isizini, AmaZulu azobhekana neCape Town City koweMTN8 ngempelasonto yokuqala ka-Agasti.
Isolezwe lithole nokuthi AmaZulu ngeke esamsayinisa umdlali weMarumo Gallants, uNdabayithethwa Ndlondlo, ngenxa yetshe lemali elifunwa yizikhulu zayo. Kuthiwa iGallants ifuna u-R6 million ngoNdlondlo obefunwa nayiChiefs.