Maritzburg United (0)1
AmaZulu (1)1
USUTHU luphunyukwe ngamaphuzu sekuthenjiwe ngenkathi ebambana neMaritzburg United ngeSonto ebusuku, emdlalweni weDStv Premiership wabakhaya eHarry Gwala Stadium eMgungundlovu.
Igoli laMaZulu lishaywe nguLuvuyo Memela esiwombeni sokuqala. EleMaritzburg libekwe enethini ngu-Amadou Soukouma, esiwombeni sesibili.
USuthu ludlale neMaritzburg lubheke ukuthola amaphuzu amathathu emva kokudlala ngokulingana neStellenbosch neKaizer Chiefs ngokulandelana. Umqeqeshi uBenni McCarthy, ubebheke okungcono kubafana bakhe emuva kokuthethisa bethola iphuzu koweStellies.
ITeam of Choice ingene enkundleni isidlale imidlalo eyisihlanu ingalishayi igoli. Ngaphambi komdlalo noSuthu, ibilokhu yagcina ukushaya igoli ngo-Okthoba 23 yehlula iTS Galaxy ngo 1-0 koweligi.
Igcine lapho ukuqoqa amaphuzu amathathu. Ukudlala ngokulingana koSuthu kusho ukuqhubeka kweshobolo leminyaka eyisikhombisa kokuhlulwa ukuwina kwiMaritzburg. Lwagcina ukuyehlula ngo-2014.
Esiwombeni sokuqala, AmaZulu aqale ngegiya eliphezulu ezama ukushaya igoli zibekwa nobekuyisifiso sikaMcCarthy ngaphambi komdlalo. Ingcindezi yoSuthu isheshe yathela izithelo ngomzuzu ka-11 ngesikhathi uMemela eqobela phakathi ibhola eligotshwe ngu-Andre De Jong kwesokudla. Emuva kwaleli goli, abafana bakaMcCarthy baqhubekile nokuhlupha iTeam of Choice kodwa behluleka uma sebefike phambili.
Esiwombeni sesibili, iMaritzburg ibuye yacindezela ifuna igoli lokulinganisa kodwa AmaZulu abeyinkinga uma ethola ibhola, esebheke phambili. Ukuqina kodonga loSuthu bekuphoqa iTeam of Choice ukuthi ikhahlele ikude. Ngomzuzu ka-55 uDe Jong uhlulwe yithuba lokushayela uSuthu igoli lesibili, ngesikhathi ibhola lakhe livinjwa ngunozinti weMaritzburg, uMarcel Engelhardt, esebhekene naye. Ngesikhathi AmaZulu esezitshela ukuthi aseqedile, uSoukouma uphendle indlela ngaphandle kwebhokisi ngomzuzu ka-86, walibasela phakathi.