Mamelodi Sundowns (1) 2
SuperSport United (0) 2
USWELE umgodi wokucasha unozinti weMamelodi Sundowns, uDenis Onyango, ngesikhathi enza amaphutha amabili abuyise iSuperSport United emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu eLoftus Versfeld, ePitoli.
ISundowns okuze kube yimanje induku ayiyazi emidlalweni yeligi, iqale umdlalo ifuna ukubuyisela kujantshi umgqigqo wayo kulandela ukubambana neCape Town City ngo 0-0 kodlule.
Ompetha beligi bavule inkundla ngegoli likaPeter Shalulile noNeo Maema kwathi awezivakashi ashaywa uGamphani Lungu noTebogo Mokoena.
Ngomzuzu wokuqala, uThamsanqa Gabuza ubenebhadi ngesikhathi ibhola lakhe lishaya ipali kade limdlile u-Onyango.
Kubukeke sengathi kuyayethusa lokhu iSundowns nayo eyakhe ithuba eliwele kuShalulile ngomzuzu wesine kodwa ladlula kancane eceleni kwepali.
Okuqapheleke ngesiwombe sokuqala salo mdlalo ukuthi uSipho Mbule we-United ubenamaphutha amaningi maphakathi nenkundla.
La maphutha kaMbule abengenasidingo ngoba amaningi awo ubephisana kuwona ngebhola ngoba ezama izitayela obekuvulela u-Andile Jali wamaBrazilians amathuba okuhlaselisa iSundowns.
Negoli likaMaema livele ngaleso sikhathi uMbule ephucwa ibhola endaweni embi ezama umjiko singekho isidingo.
Akuzange kwethuse ukuthi angabuyi uMbule esiwombeni sesibili kodwa lokhu akuyivimbanga iSundowns ukuthi ishaye igoli lesibili ngonyawo lukaShalulile ngomzuzu ka-49.
Nalo leli goli kube yiphutha leSuperSport elahle ibhola maphakathi nenkundla lawela kuMaema ophakele kamnandi lo mgadli waseNamibia ovutha amalangabi kusukela ngesizini edlule.
Yize iSuperSport ikhombise izimpawu zokuphaphama ngemuva kokungena kwegoli lesibili, lawo mathuba ebiwakha abephelela ezandleni ku-Onyango obesefomini enhle.
Ube kule fomu kwaze kwaba umzuzu ka-69 lapho iphutha lakhe liholele ekutheni iSundowns ingenelwe yigoli okokuqala kule sizini.
U-Onyango uchobe ishodi likaJemie Webber (ongenele uMbule) waliphebezela kuLungu olishaye phakathi kade kuyi-freekick.
Njengoba bekulindelekile, womabili la maqembu enze izinguquko eziningi okwenze umdlalo wavuleka kwaze kwaba umzuzu ka-80 lapho u-Onyango enze khona okungafani naye enza iphutha elibuyise iSuperSport emdlalweni.
Bekuyi-freekick ebikude ethathwe uMokoena lo nozinti wase-Uganda wabhava ngayo.
Umdlalo uphele sekuyiSuperSport engena kuvalwe amehlo kodwa bagcina becazelene amaphuzu omakhelwane. Yize lugcine lugqobhokile udonga lwe’Downs kodwa isahleli esicongweni ngamaphuzu awu-27 futhi ayikahlulwa.