Ubhekwe ngabomvu umdlalo weMamelodi Sundowns ozoqala phakathi kwamabili
Image: Facebook
Ukuthi uyiKhosi noma uyiBhakaniya kulokhu bonke abaxhumene nonobhutshuzwayo waseMzansi bahamba nezikaMiguel Cardoso okungafanele nangengozi aphinde iphutha lokushiya ngaphandle uThemba “Mshishi” Zwane.
ISundowns esivele iwufakile ephaketheni u-R170 million ngokufika kulo mqhudelwano iboshelwe ku-Group F okukhona kuwona iBorussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil eholwa wuThiago Silva wodumo kwiChelsea.
Umdlalo weSundowns wesibili uzoba ngoJuni 21 neDortmund ngo-6 ntambama ngaphambi kokuvala iqoqo ngeFluminense ngoJuni 25 ngo-9 ebusuku.
UJayden Adams uthe: “Silindele umdlalo onzima kodwa siyazi ukuthi singawunqoba.”