SITHEMBISO MKHIZE
SISAZOHLALA amasonto singalithinti ibhola isikhwishikhwishi seKaizer Chiefs, uKhama Billiat, ebesingekho ngoLwesithathu iqembu laso lishaywa iChippa United ngo-1-0 emdlalweni weDStv Premiership obuseFNB Stadium
Lo mgadli odabuka eZimbabwe, ulimale iqakala ngempelasonto edlule, ezakhe zishaya iMamelodi Sundowns.
Bekungakapheli sikhathi esingakanani ebuye ekulimaleni umlenze omhlalise izinyanga ezintathu.
Kubuzwa uGavin Hunt ngesimo sikaBilliat ngemuva kokudliwa ngamaChilli Boys, uthe: "Anginaso isiqiniseko sokuthi uzobuya nini. Unenkinga kulo mlenze ayephuke kuwo. Njengoba siba nemidlalo ezinsukwini ezimbili noma ezintathu, angahlala namasonto amabili kuya kwamathathu. Uzophuthwa yimidlalo eminingi futhi. Angazi ukuthi imiphimela yokuhlolwa kwakhe izothini? Kubi, akakwazi ukuhamba.“
Ngemuva kokuthi ngeledlule ezikaHunt ziphule irekhodi leMamelodi Sundowns lokungashaywa emidlalweni ewu-21, abemakhulu amathemba okuthi koweChippa zizoqhubeka nomgqigqo omuhle.
IChiefs ilwela ukuqeda isizini ikwiTop 8 njengoba yehlele endaweni yesishiyagalolunye ngemuva kokwehlulwa.
UHunt ubengakwazi nokuphendula imibuzo yezintatheli ngokuthi kwenzakaleni emdlalweni weChiefs. Akandanga ngamazwi kodwa wasola iqembu ngokuyeka umdlalo ziwuphethe.
"Uma usebenzisa amathuba uyanqoba. Thina sinenkinga, besikhonya emdlalweni kodwa sangashaya goli. Esikwenzile kungaphezu kwezibalo. Uma ulazi ibhola uzongizwa ukuthi ngiqonde ukuthini. Ibhola besilibamba kakhulu, singafuni ukukhahlela. Sibulawe amabhola okugcina ebhokisini lezitha. Uma ufuna ukunqoba, uyazi ukuthi udinga ukumvivinya unozinti. Lokho asikwenzanga. Senze iphutha elilodwa sase singenelwa igoli. Kumele siyibongele iChippa," kusho uHunt.
Kusasa iChiefs izodlala neBloemfontein Celtic, eFNB Stadium ngo-3 ntambama.
KwiChippa, uHeric Vladislav ukuqinisekisile wuye ongumqeqeshi kuleli qembu. Ngesikhathi ethulwa kwabezindaba kwathiwa uzoba ngusomaqhinga. Kodwa ubesehleli ebhentshini emdlalweni weChiefs.
IChilli Boyz ilwela ukuvika izembe, ibambe unombolo-15 kwi-log ngamaphuzu awu-21. Isalelwe imidlalo emihlanu ukuqoqa amaphuzu azoyisiza ihlale esigabeni esikhulu.
"Kumele siqhubeke nendlela esidlale ngayo. Nginethemba lokuthi emdlalweni wethu olandelayo sizophinde siqoqe amaphuzu aphelele. IChiefs isinike umdlalo onzima, iyiqembu elibukhuni ukulishaya,“ kusho uHeric.
Kusasa badlala neStellenbosch, eSisa Dukashe Stadium ngo-3 ntambama.