SITHEMBISO MKHIZE
UMQEQESHI weTS Galaxy, uDan “ Dance” Malesela, unxuse abaqeqeshi ukuthi bashumayele ivangeli kubadlali lokuthi bayeke ukuhamba izindawo zasebusuku ezidala ukuthi bangalali okuholela ezingozini zomgwaqo.
NgoMsombuluko odlule kuvukwe ngezindaba ezimbi zokudlula emhlabeni kuka-Anele Ngcongca engozini yemoto eshiye imoto yakhe iyikopi.
Ubebolekwe aMaZulu FC yiMamelodi Sundowns. Uzofihlwa kusasa eGugulethu.
UMalesela udlulise amazwi endunduzo emndenini wakwaNgcongca.
Uthe kumphatha kabi ukuthi abadlali bashona ngendlela eyodwa futhi esikhathini esiningi kuba yisekuseni.
Uthe kukhona okumele kwenziwe ukuvimba lo mkhokha oya ngokwanda.
Unxuse abaqeqeshi ukuthi bashumayele kubadlali ukuyeka ukwenza izinto ezibenza bangalali bese bengena ezimotweni.
“Noma sewuthanda ngeke ukugweme ukulala, kuyindalo. Umzimba uyakudinga ukuphumula.
“Ngiguqa phansi ngedolo kubaqeqeshi ukuthi bahlale bebakhumbuza abadlali ngengozi yokungalali bese bengena ezimotweni.
“Leli vangeli kumele silishumayele yonke indawo ngisho emajimini. Kumele kube khona okwenziwayo.
“Ngeke phela sebephelile abadlali bethu yizingozi zezimoto ezenzeka entathakusa. Kuzomele kube khona okwenziwayo.”
Uthe akazi ukuthi uNgcongca ubephuma kuphi futhi eya kuphi.
Ingozi kaNgcongca yenzeka kuN2 ngaseMtunzini ekuseni.
“Angifuni ukukhuluma into engingayazi ngithi ubephuma ezindaweni ezimenze wangalala.
“Mhlawumbe ubephuthuma into ebalulekile noma bekukhona obekumele ahlangane naye.
“Kodwa kuyethusa ukushona kwabo ngendlela efanayo.”
Ingozi kaNgcongca ilandela eyango-2018 eyaphoqa uWiseman Meyiwa, owayedlalela iKaizer Chiefs, ukuthi aliyeke ibhola ngenxa yokulimala kanzima.
Kwabanye abadlali abashona ezingozini zomgwaqo singabala uLesley Manyathela, owayedlala kwi-Orlando Pirates, Gift Leremi (Mamelodi Sundowns); Richard Henyekanye (Lamontville Golden
Arrows), Cecil Lolo
(Ajax Cape Town), Mondli Cele noMlondi Dlamini (Maritzburg United), Mogau Tshela (Polokwane City), Sinethemba Jantjie (Free State Stars) noThembinkosi Mbamba (TS Galaxy).