Umqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson. Isithombe: Backpagepix

UKUPHIKWA yimiphumela komqeqeshi waMaZulu sekuholele ekutheni abaphathi babize umhlangano ophuthumayo ngoMsombuluko lapho bebezofuna ukwazi ukuthi ngabe kulaphi lapho ibhajwe khona nokuthi bangalifaka kuphi igxalaba.

Ngokuthola kukaPotshoza owaziwa ngozula aze elithole iqiniso, kuthiwa abaphathi bagcina sebebeka umbandela omusha wamaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili elandelayo.

“Ngenxa yokuthi umqeqeshi uvele wabindwa yisidwa ngesikhathi ekhunjuzwa ngemibandela yangaphambili angakwazanga ukuhlangabezana ngisho nowodwa, babe sebemenzela umusa ngokuthi bambekele owemidlalo emibili.

“Kubukeka kuzokuba umqansa ukuthola lawa maqphuzu ngenxa yobunzima bemidlalo elandelayo. Umdlalo wokuqala uzowudlala neLamontville Golden Arrows, okungeke kumsize ukudlala ngokulingana. Olandelayo yiKaizer Chiefs nawo okungelula kuwona. Ibhekene nobunzima le ndoda,” kusho umthombo.