ZAKHELE XABA
IZOBEKWA ezithebeni eNaturena eyomdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uKearyn Baccus, okubukeka engasenalo ikusasa kuleli qembu.
UBaccus (30), wase-Australia kodwa onabazali baseNingizimu Afrika, ujoyine iChiefs ngo-2019 esuka kwiMelbourne. Ufike eNaturena wazakhela udumo ngenxa yebhola abelidlala ngaphansi komqeqeshi, u-Ernst Middendorp. Izinto ziqale ukubhimba sekuqeqesha uGavin Hunt ogcine ekhonjwe indlela engawinanga neyokubika indebe.
Selokhu kuqale isizini ka-2021/2022 uBaccus ugcina ejimini ukukhahlela ibhola kwazise umqeqeshi, uStuart Baxter, uqoka ukudlalisa uPathutshedzo Nange noCole Alexander enkabeni yenkundla. Inkontileka kaBaccus neChiefs izophela ngoJuni.
Imenenja yakhe, uMike Makaab weProSport International, ithe izonikela eNaturena ukuyobhunga indaba kaBaccus ongasadlaliswa. Emasontweni adlule kuvele ukuthi uBaccus ufuna ukubuyela e-Australia uma kuphela inkontileka yakhe neChiefs.
"Sihlela ukuyokhuluma neChiefs ngezinto ezahlukene ezithinta ikusasa likaBaccus. Ungumdlali omuhle kakhulu, ngebhadi kwiChiefs akasalitholi ithuba lokudlala. Kuyinto eyaziwayo ukuthi umdlali ongadlali njalo ngeke ajabule. Ungumdlali, ufuna ukudlala," kusho uMakaab.
Ngaphandle kukaBaccus, abanye abadlali abaphelelwa yizinkontileka kwiChiefs nguBernard Parker, Daniel Akpeyi, Ramahlwe Mphahlele, Lazarous Kambole, Samir Nurkovic, Reeve Frosler noLebogang Manyama. Laba badlali sebevumelekile ukusayina izinkontileka zesibambiso samaqembu abawathandayo.
Leli phephandaba lihoshe ukuthi abaphathi beChiefs abakaqali ukubhunga eyezinkontileka nabadlali. Emasontweni adlule, imenenja ka-Akpeyi, uMohammed Lawal, ithe abafuni ukuyixina iChiefs okwamanje njengoba ufuna lo nozinti agxile emsebenzini wakhe.
U-Akpeyi usesikwatini seNigeria esiyibamba kwi-Africa Cup of Nations (Afcon). Ngaphandle kuka-Akpeyi, makhulu amathuba okuthi uParker aphinde asayiniswe inkontileka yonyaka eNaturena. Lo mgadli ukhombisa ukuvuka selokhu kubuye uBaxter kuleli qembu.