UMQEQESHI weBlack Leopards, uLehlohonolo Seema, ukholwa wukuthi usenalo ithemba lokuyisindisa ezembeni elibukeka seliloliwe phezu kwayo esigabeni seDStv Premiership.
ILeopards isemsileni we-log ngamaphuzu angu-13 emidlalweni engu-22. Isihlulwe kwengu-15 kule sizini. NgeSonto ishoveleke obhukwini ihlulwa yiSwallows koweligi ngo-1-0 kukade kulindeleke ukuthi icoshe amaphuzu okunciphisa igebe lamaphuzu amane phakathi kwayo neChippa United esendaweni ka-15.
"Kuningi okuhle esiphuma nakho kulo mdlalo. Uma singalwa kanje, ngicabanga ukuthi singayiwina imidlalo emithathu. Kuhlala kunzima ukubuyisa umdlandla kubadlali emuva kokulwa kangaka kodwa bangaphuma nalutho. Kodwa asiliphosi ithawula, siyaqhubeka nokulwa. Kuningi okuhle esingakuthatha kulo mdlalo. Sidlale neqembu elihle elinomfutho. Sizoqhubeka nokulwa," kusho uSeema.
Abaphathi beLeopards balande owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uKosta Papic, ukuzohlenga lo mkhumbi waseLimpopo kodwa kubukeka uzika naye. Ithimba lonke labaqeqeshi elithakwe nangoMorgan Shivhambu noMongezi Bobe, kufanele liqhamuke neqhinga lokucosha amaphuzu emidlalweni eyisishiyagalombili esele ngaphambi kokuphela kwesizini ka-2020/2021.
Okukhathaze uSeema koweSwallows wukuxhamazela kwabadlali bakhe, bezama okungenani ukuphuma nephuzu.
"Sifike lapha kucacile ukuthi sifuna ukuwuwina umdlalo. Esikimini esiqale ngaso umdlalo, besibophele bonke abagadli bethu abanesipiliyoni. Siqale kahle kodwa sehluleka ukushaya igoli osekunesikhathi lisiphika. Ngesikhathi sekhefu ngithe asiyigcine indlela esihleleke ngayo, siqhubeke nokulwa. Asenze isiqiniseko sokuthi asixhamazeli. Iyodwa into okungafanele siyenze okuwukuvikela leli phuzu esinalo okwamanje," kusho uSeema.
"Kodwa emizuzwini engu-10 esiwombeni sesibili besingakwazi ngisho ukuphuma ebhokisini lethu. Wonke umuntu ubekade eselikhahlela ibhola. Kade sekubonakala ukuthi sesithukile, nami sengibona ukuthi iphutha elincane elizokwenzeka kuzoba yinkinga. Ebholeni eligcine liyiphenathi, kade silimakile laya engxenyeni enkulu yabo. Ngicabanga ukuthi ngisho uVries (unozinti weSwallows) ulithintile ibhola kodwa thina besisahlezi ebhokisini lethu. Emuva kwalokho sibe nengcindezi, satatazela, sesithatha izinqumo ezingafanele phambili."
Emidlalweni eyisihlanu yeligi elandelayo, iLeopards izobhekana neStellenbosch (April 21), SuperSport United (Ephreli 24), Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Meyi 1), Orlando Pirates (May 5) neKaizer Chiefs (Meyi 18).