ISITOBHA seMaritzburg United, uRushine De Reuck, asijabule ngokuphelele ngokubizwa kwiBafana Bafana ngenxa yokubhacaza kweTeam of Choice kule sizini.
UDe Reuck, osanda kuthola umklomelo we-Absa Premiership Defender of The Season, useqenjini lomqeqeshi uMolefi Ntseki elizodlala imidlalo emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) neSao Tome and Principe’.
Namuhla ngo-9 ebusuku la maqembu azogadulisana eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
NgoMsombuluko ngo-3 ntambama iBafana neSao Tome bazodlala eNelson Mandela Bay, eBhayi. IBafana idinga amaphuzu okunyukela esicongweni kuGroup C oholwa yiGhana ngayisithupha. IBafana isendaweni yesibili ngamathathu.
UDe Reuck, oqalayo ukubizwa kwiBafana, uthe kungcono ukushiya kujatshulwe “ekhaya”.
ITeam of Choice ayikaze iwine selokhu kuqale isizini ka-2020/2021.
“Kufezeke iphupho lami ngokuba lapha. Bekuhlale kuyiphupho lami ukudlalela iqembu lesizwe. Awukho umuzwa engingawufanisa nakho.
“Ukuwina umklomelo weDefender of The Season kube yinto enkulu kimina kodwa ukubizwa kwiBafana kungaphezulu.
“Kodwa bekungaba kuhle kakhulu ukuba ngiqokwe ngesikhathi iqembu lenza kahle. Kodwa okubalulekile manje wukususa umqondo wami kancane kulona,” kusho uDe Reuck.
“Ngiseqenjini lesizwe manje, kudingeka ngibe nemicabango emihle. Emuva kwale midlalo emibili ngiyozama ukusiza iqembu libuyele ezingeni lalo.
“Ngisabizwe okokuqala. Ngifuna ukufunda kubadlali asebenesikhathi bekhona lapha. Ngiyakwazi engingakwenza. Uma ngithola ithuba ngizosebenza kanzima.
“Okwamanje sigxile kule midlalo emibili. Kufanele sithole amaphuzu ayisithupha.”
Ekhempini yeBafana kukhulunywa eyokuqoqa amaphuzu ayisithupha kwiSao Tome ukugwema emathonsi abanzi kwazise isazobhekana nomqansa kwiGhana nakwiSudan emidlalweni emibili yokusonga. Ekuqaleni kwesonto, uNtseki uveze ukuthi bayazi ngeSao Tome.
“ISao Tome ifike esigabeni samaqoqo emuva kokuhlula iMauritius. Abadlali bayo abaningi badlala ePortugal. Sithumele izinhloli zayibuka ngesikhathi idlala neSudan nangesikhathi idlala neGhana.
Ihlulwe ngo 4-0 yiSudan emuva kokuthi unozinti wayo ethole ikhadi elibomvu. Ekhaya ihlulwe yiGhana ngo 1-0 wephenathi umdlalo usuyophela,” kusho uNtseki.